Kubulawe uthisha oLundi

Utholwe enamanxeba amaningi okugwazwa

Amaphoyisa asoLundi asaphenya ngecala lokubulala nokuphanga, ngemuva kokutholakala kukathisha wesikole eseshonile efulethini abehlala kulo endaweni yaseMbhoshongweni, ngoLwesihlanu.Umufi, onguMbali Shwala (39), ubenguthisha wesikole Osuthu Primary School, esisoLundi.

Utholwe enamanxeba amaningi okugwazwa.Ubhuti wakhe, uMandlenkosi uthe, baqale ukusola ngesikhathi uthishanhloko wesikole efika ekhaya kubo, ecinga lothisha.

‘Uthishanhloko uthe udadewethu akafikanga emsebenzini ngoLwesine, futhi ubengaziphenduli izingcingo zakhe.
Sibe ke sesiyombheka lapho abehlala khona, safica indlu yakhe abehlala kuyo ikhiyiwe, kodwa umsakazo ubulokhu ukhalela phezulu.

‘Sabe sesishayela amaphoyisa. Afika abhodloza isicabha, base bethola isidumbu sakhe siphansi, sintanta egazini.

Imoto yakhe namakhadi akhe asebhange kwakungekho,’ kuchaza umfowabo kamufi.UMkhulumeli wamaphoyisa, uKapteni Nkosie Gwala uthe umufi wagcina ukubonakala endlini yakhe ngoLwesithathu olwedlule enesoka lakhe.

HAVE YOUR SAY

Like our Facebook page and follow us on Twitter.

For news straight to your phone invite us:

WhatsApp – 072 069 4169

Instagram – zululand_observer

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.
Exit mobile version