Kuboshwe amaphoyisa omgwaqo

Amaphoyisa omgwaqo amabili, ayekade ebophe uLanga futhi emshaya ngoba emsola ukuthi wabantshontshela izimpahla zabo

Amaphoyisa amabili omgwaqo kanye nephoyisa eselathatha umhlalaphansi asenikwe isigwebo seminyaka engu-12 edonsa ngecala lokubulala.

Lelicala lisukela kwisigameko sangomhlaka 14 May 2013, ngesikhathi amaphoyisa ephendula embikweni wecala lokubulala ngokungenhloso, okwenzeka emgwaqeni u-R66 eduze kwaseWombane, ngaphandle kwaseShowe.

Ngesikhathi kufika amaphoyisa kulendawo yesigameko afica isidumbu sendoda silele emgwaqeni.

Kwakungekho ngisho iphawu lokuthi ushayiswe yimoto, kodwa wayebukeka sengathi ushayiwe.

Amaphoyisa afika kulendawo akwazi ukuhlonza ukuthi lomuntu wayeshayiswe yimoto, yambulala ngokungenhloso

Bakwazi ukuhlonza umufi njengoThokozani Mdaphuna Langa (45), ababe bembonile ngesikhathi bephenya icala lokugqekeza elenzeka e-Sunnydale.

Amaphoyisa omgwaqo amabili, ayekade ebophe uLanga futhi emshaya ngoba emsola ukuthi wabantshontshela izimpahla zabo.

Amaphoyisa omgwaqo amathathu, okungo Archibald Sphesihle Msani (35), Sibusiso Goodman Mbatha (32), Lindani Nkosinathi Mvelase (45) kanye noSihle Msizi Xulu (32), (oyiphoyisa elase lithathe umhlalaphansi ngemuva kokuvulelwa kwakhe lelicala nabanye abasolwa) abe eseboshwa.

UMvelase wabekwa icala lokushaya ngenhloso yokulimaza, kodwa wangabekwa cala lokubulala, njengoba ubufakazi bungamfaka ekubulaleni.

Ukugwetshwa 

Inkantolo yesiFunda saseShowe igwebe uMsane, uMbatha noXulu iminyaka engu-12 ngecala lokubulala.

UMsane noMbatha bahlawuliswa imali engango-R3000 ngecala lokushaya ngenhlosomyokulimaza noma izinyanga ezingu-12 bedonsa.

HAVE YOUR SAY

Like our Facebook page and follow us on Twitter

For news straight to your phone invite us:

WhatsApp – 072 069 4169

Instagram – zululand_observer

Exit mobile version