Local newsNews

Landelani imigudu efanele ukufaka izikhalazo

UMaspala waseMhlathuze uthi awukaze usithole isikhalazo sokumosheka kwamanzi

OKHULUMELA uMasipala waseMhlathuze, uMnuz. Mdu Ncalane usenxuse umphakathi ukuthi uma ubika izigameko zokuxhaphazeka kwamanzi, uqinisekise ukuthi izikhalazo zabo zibhalwa phansi, ukuze kube nezinombolo zokwenza ukuthi udaba lulandeleke kalula.

UMnuz. Ncalane ukusho lokhu kulandela udaba olushicilelwe yiphephandaba i-Eyethu Bay Watch, ngesonto eledlule.

Kulolodaba kwavela isikhalazo esenziwa yilungu lomphakathi, elalibalisa ngokumosheka kwamanzi endaweni yasOdondolo, ngaseMatshana.

Lokhu kwadalwa yinkontileka eyayimbela ukufaka ipayipi lamanzi, neyaqhumisa elidala maqede yashiya kanjalo.

Ngokusho kukaMnuz. Tholumuzi Sikhakhane, lelipayipi laqhuma emasontweni amabili adlule, kanti amanzi ebelokhu egobhoze njalo, ephuma yize lesi sakhamuzi sithi salubika udaba kumasipala, kodwa kwangenziwa lutho ukulungisa lomonakalo.

UNcalane uthe yize besishayela ihlombe isenzo sikaMnuz Sikhakhane, kodwa ophenyweni lwabo bahlulekile ukuthola imininigwane ngokuqhuma kwaleli payipi.

‘Kithi kufana nokuthi loludaba alubikwanga, ngoba ayikho into eshoyo.

Sicela amalungu omphakathi ukuthi asebenzise izindlela ezibekiwe ukubika ukumosheka kwamanzi, ukuze sikwazi ukulungisa lapho kusuke konakele khona.

‘Nsuku zonke, sihlale sinabasebenzi abaqeqeshiwe abalindele ukuvala amapayipi aphukile, noma ngasiphi isikhathi, njengoba sisemkhankasweni wokonga amanzi nje,’ kubeka uNcalane.

Uqhube wathi emva kokubona udaba ebelukhuluma ngalokhu kuqhuma kwepayipi, izikhulu zalomnyango wamanzi kumasipala wakhe, zisuke zahlala amagqozo zayozibhekela, maqede zabiza abasebenzi abenza lomsebenzi ukuthi bayolungisa ipayipi eliqhumile.

‘Ngesikhathi silungisa lomonakalo ukuphakelwa kwabantu amanzi akuthikamezekanga,’ kubeka uMnuz. Ncalane.

* City urges community members to ask for a reference number when lodging complaints

HAVE YOUR SAY

Like our Facebook page and follow us on Twitter.

For news straight to your phone invite us:

WhatsApp – 072 069 4169

Instagram – zululand_observer

Back to top button