Spar Superstars Umlazi 2024

TOP BANNER 1

Vote for your favourite SPAR School Superstar

Help them win a R300 SPAR Shopping Voucher and put them in the running to win R5000 in the KZN SPAR School Superstar competition

Junior & Senior Primary February

Lethokuhle Phoswa

Andrew Zondo Primary 

Ubaqwaqwada amakhanda kuZibalo nasekumodeleni

Read More

AKUBAMANGAZI othisha base-Andrew Zondo Primary School ukuthi umfundi wabo uLethokuhle Phoswa unothando lokuba uthisha weZibalo njengoba esiphumelela ngamalengiso lesifundo.

ULethokuhle (6) owenza uGrade 1 kulesikole esigagulwengenhla, ubaqwaqwada amakhanda ozakwabo ngokuphumelela ngamalengiso iMaths. Othisha bakhe bathi akubamangazi ukuthi lomfundi ufuna ukuba uthisha uma esekhulile njengoba ehlakaniphile futhi esithanda isikole.

Lo mfundi akagcini ngokukhalipha kuphela njengoba ephinde abe nekhono elimangalisayo lokumodela. Mumva nje, uLethokuhle uqwaqwade bonke onobuhle besikole sakhe ukuze aphumelele umncintiswano wonobuhle wesikole. ULethokuhle uthe emva kokunqoba lesicoco uzizwa ehloniphekile futhi eziqhenya ngekhono lakhe.

Uthe uyazithanda izibalo okwenza afune ukuba uthisha wazo uma esephothule umatikuletsheni. “Izibalo ziyingxenye yempilo ngoba cishe yonke into iyabalwa. Inhloso yami ukuphucula izimpilo zabafundi ngokubafundisa izibalo ukuze bengeke babhekane nezingqinamba uma behlangana nezinto ezidinga ukubalwa,” kusho uLethokuhle.

Ngokusho kothisha bakhe, uLethokuhle uyakwazi ukusiza nokunakekela ozakwabo, kwazise usanda kuthola indebe ngokusiza ozakwabo ukuba bakwazi ukubhala, ukulandela imithetho yesikole nokuhlola uma ozakwabo bebhala izivivinyo. Kusuka eqale ukumodela ngonyaka ka-2022, uLethokuhle usenqobe izicoco zemincintiswano yonobuhle ezinhlanu. Lonobuhle uthi ukunqoba umncintiswano wonobuhle wesikole afunda kuso uGrade 1 kumunike isibindi nokuzethemba.

OkaPhoswa, uthi iphupho lakhe ukuzibona enguMiss South Africa eminyakeni ezayo. “Isifiso sami ukuba nginqobe isicoco sikaMiss South Afrika eminyakeni ezayo ukuze ngizokwazi ukwenza umehluko ezweni lethu. Ngifuna ukusebenzisa ikhono lami ukuvula iminyango ukuze ngisize labo abadinga usizo,” kusho uLethokuhle.

Lo kaPhoswa, uthi ikhono lokumodela laziveza kuye ngo-2022 ngesikhathi efunda enkulisa ebizwa iPhambili Creche.

High School February

Neliswa Bhengu

Zwelethu High School

Wenza ezibukwayo kuSayensi nasemdansweni

Read More

UMFUNDI waseMlazi uNeliswa Bhengu wenza ezibukwayo kuPhysical Science nasekudanseni esikoleni sakhe.

Lo mfundi waseZwelethu High School, uthi uyakholwa ukuthi ukuzimisela entweni ayenzayo ikhona okwenza aphumelele. UNeliswa odume ngekhono lakhe lokudansa nokwenza ezibukwayo kusifundo iPhysciacal Science ufuna ukuba iDatabase Administrator. Lo mfundi wesifazane oneminyaka yobudala eli-18 wenza uGrade 12 kanti uyazethemba ukuba uzophumelela ngamalengiso kumatikuletsheni.

Ngokusho kothisha, ukukhalipha kukaNeliswa ikhona okumenza njalo ngonyaka ukuba abalwe nabaphuma phambili ngokuphumelela ngamalengiso izivivinyo esikoleni. Efunda uGrade 10 kulesi sikole, uNeliswa waklonyeliswe ngendondo emva kokubashaya amakhanda ozakwabo ngokuphumelela ngamalengiso izivivinyo.

Umangaze othisha nozakwabo nyakenye ngesikhathi ethola amaphesenti ali-100 kuPhysical Sciences eKutlwanong Promaths Centre kusiFunda saseMlazi. Ezinye izifundo aziphumelela ngamalengiso uNeliswa kubalwa iMathematics, iLife Sciences, ne-Information Technology.

UNeliswa uthe ukuzikhandla kwakhe ngemisebenzi yesikoleni ikhona okumenza agqugquzele ozakwabo ukuba benze kancono. Ngokusho kothisha bakhe, abafundi abaningi babukela kuyena uNeliswa njengoba engumfundi obuye athande ukunakekela imvelo aphinde aqwashise abantu ngokuguquka kwesimo sezulu.

“Empeleni anginaso isikhathi sokuphumula ngoba uma ngingekho esikoleni ngihlezi ngiseKutlwano Centre ngifunda iMaths nePhysical Science. Inhloso yami ukuzibona ngingumpetha ezibalweni nakusayensi. Kule ndawo ngibuye ngisize izingane uma zenza imisebenzi yesikole ehlukene,” kusho uNeliswa.

Aphelele Khuzwayo

Umlazi Commercial High School

Uzihambela yedwa ngokukhalipha

Read More

UMFUNDI wase-Umlazi Commercial High School u-Aphelele Khuzwayo udume ngokukhalipha okumangalisayo ezifundweni.

Lo mfundi wesigceme sakwa-Z usanda kubashaya amakhanda ozakhwabo kumiphumela yezivivinyo zokuqala konyaka okulapho ethole khona izindondo ezine. Nyakenye u-Aphelele uthole izindondo emva kokuzuza amamakhi angaphezulu kozakwabo kuzifundo okubalwa i-Economic and Management Science (EMS), i-Social Science (SS), iNatural Science (NS) neyokuphuma phambili kwabali-10 abeqhathwe nabo.

Kulezi zifundo u-Aphelele oneminyaka yobudala eli-14, uthole amaphesenti angama-90 ku-EMS, wathola angama-91 kuSS waphinde wathola angama-97 kuNS. Ngokusho kuka-Aphelele, ukuzimisela esikoleni ikhona okumenza aphumelele ngamalengiso izifundo zakhe.

Othisha bakhe baveze ukuthi u-Aphelele ungumfundi osebenza ngokuzikhandla esikoleni futhi uyahlonipha kanti uyathanda ukusiza ozakwabo. Uma engekho esikoleni u-Aphelele uthe uzijabulisa ngokudweba okuyinto azifelayo ngayo. Uthe ubuye azifundise ukukhuluma phambili kwabantu nokulingisa uma ehleli ekhaya kwazise ufisa ukuba ngumlingisi.

“Uma sengiphothule umatikuletsheni ngifuna ukwenza izifundo zokulingisa ukuze ngizolingisa kumidlalo kamabonakude. Ngingasho ukuthi ukulingisa kuyinto engiyithanda kakhulu kusuka ngimncane,” echaza.

Uthe inhloso yakhe ukukhiqiza imidlalo kamabonakude bese akha amathuba emisebenzi ngokuqasha abalingisi, abaqondisi nababhali.

Thank you for voting for your SPAR Superstar and for giving them a chance to win a SPAR Voucher

One junior/senior primary and one high school winner will be chosen based on the number of votes. Maximum of one vote per person. Look out for the SPAR Superstar winners in the Eyethu Umlazi July 23rd edition.

TOP BANNER 2
 
Back to top button