HlangananiWhat's news

Ubusika bufudumeza izinhliziyo

IHeartlands ibe nethuba lokunikelela umphakathi yaphinde yathokozisa abantwana kulesimo sezulu esibandayo. Ukwenza ubusika kube ngobufudumela abasebenzi banikele ngezingubo zokulala kanye nokudla enkulisa egcina abantwana iPhakamani Care Centre. IPhakamani Care Centre ikhaya elihlala abantwana ababalelwa kuma 40 njalo ngeviki. Labantwana banakekelwa uMama uCele osebenzisa imali yakhe yempesheni ukuze abondle. NgoLwesine mhlaka 20 ku Juni iHeartland inikelele …

IHeartlands ibe nethuba lokunikelela umphakathi yaphinde yathokozisa abantwana kulesimo sezulu esibandayo. Ukwenza ubusika kube ngobufudumela abasebenzi banikele ngezingubo zokulala kanye nokudla enkulisa egcina abantwana iPhakamani Care Centre.

IPhakamani Care Centre ikhaya elihlala abantwana ababalelwa kuma 40 njalo ngeviki. Labantwana banakekelwa uMama uCele osebenzisa imali yakhe yempesheni ukuze abondle. NgoLwesine mhlaka 20 ku Juni iHeartland inikelele lesikhungo. Emva kokushona kwamadodana akhe amabili uMama uCele wanquma ukuzibophezela ngokusiza umphakathi ukuze abhekane nobuhlungu. Wavula lesikhungo esincike kakhulu ekutholeni uxhaso kosomabhizinisi ukusigcina sisebenza.
“Uma ngibona abantwana bethokozile ngiyazi ukuthi baya emakhaya bedlile,” kusho uMama uCele.
“Iningi labantwana abagcinwa kulesikhungo bahlala nogogo nomkhulu futhi isikhathi esiningi ukudla abakuthola kulesikhungo kuba ikona kodwa okosuku.

Abasebenzi base Heartlands kanye nethimba leChampions Of Wellness bazibophezele banikela ngezingubo zokulala. “Ngithanda ukusiza abantu,” kusho uDeneen Slater. Ukuze iPhakamani Care Centre ikwazi ukuzimela, iHeartlands inethemba lokuyisiza ukuqala ukusungula ingadi yezithelo.

Ngomhlaka 25 ku Juni iHeartlands iphinde yanikela ngezingubo zokulala Ezimbokodweni ekhaya labadala.

You can read the full story on our App. Download it here.

Related Articles

Check Also
Close
Back to top button