HlangananiWhat's news

Ibe impumelelo imidlalo yokulwisana nobugebengu

Imidlalo ifundisa intsha ubumbano, ukuzithoba kanye nokuziqhenya ngokuba umdlali. Lemidlalo isiza ngokuthi izingane zingangeni ezidakamizweni.Ngokugqugquzela izingane ukuba zidlale lemidlalo,sizinikeza ithuba lokwakha abangane kanye nokufunda ukubaluleka kokuba ingxenye yeqembu. Ikomidi lezemidlalo laseZimbokodweni libambe imidlalo ebixhaswe inhlangano Umbogintwini yezabasebenzi.Lomdlalo bewungenelwe ngamaqembu angu-32 kwisigaba sabanemimyaka engaphansi kuka-23,bonke labadlali bebezimisele ngokuveza ikhono labo enkundleni. Isigaba sokuqala salemidlalo sadlalwa evikini …

Imidlalo ifundisa intsha ubumbano, ukuzithoba kanye nokuziqhenya ngokuba umdlali. Lemidlalo isiza ngokuthi izingane zingangeni ezidakamizweni.Ngokugqugquzela izingane ukuba zidlale lemidlalo,sizinikeza ithuba lokwakha abangane kanye nokufunda ukubaluleka kokuba ingxenye yeqembu.
Ikomidi lezemidlalo laseZimbokodweni libambe imidlalo ebixhaswe inhlangano Umbogintwini yezabasebenzi.Lomdlalo bewungenelwe ngamaqembu angu-32 kwisigaba sabanemimyaka engaphansi kuka-23,bonke labadlali bebezimisele ngokuveza ikhono labo enkundleni.
Isigaba sokuqala salemidlalo sadlalwa evikini lesibili kuMashi.Imidlalo eyandulela amanqamu kanye nomdlalo wamanqamu wadlalwa ngephasika,kusukela mhlaka 29 Mashi kuya kumhlaka 1 Ephreli ezinkundleni zemidlalo zaseZimbokodweni.
Umdlalo wamanqamu wabangaphansi kweminyaka engu-23 wawuphakathi kweCosmos FC neMoja FC, lomdlalo wawinwa iMoja ngamathathu edanqeni. Kwabaneminyaka engaphansi kuka-15,kwawina IFC lads eyahlula iZakhele FC ngamabili kwelilodwa. Emidlalweni yebhola lomnqakiswano kwawina iMovers eyahlula iSwinger ngamanqaku awu-18 iSwinger ithola awu-15.
Lemidlalo beyibukelwa izinkumbi abadala nezingane.USihlalo walemidlalo ,uNkululeko Makhanya ubonge inhlangano yezabasebenzi Umbogintwini ngokuhlale bebaxhasa uma kunemidlalo.
“Inhloso yethu enkulu ngalemidlalo ukugqugquzela intsha ukuba izibandakanye nezemidlalo ukuze iziqhelelanise nezenzo zobugebengu kanye nokugqugquzela abantu abasha ukuba bazilungiselele ukungenela ibhola elikhokhelwayo kusasa,” kusho uMakhanya.

Related Articles

Check Also
Close
Back to top button