AdvertorialBusiness

ETHEKWINI MUNICIPALITY ISAZISO SOMPHAKATHI

ISICELO ESIYA EMNYANGWENI WEZAMAHLATHI, EZOKUDOBA NEZEMVELO SEMVUME YOKUCHITHELWA KWAMANZI OGWINI YIMANZIMTOTI WASTEWATER TREATMENT WORKS NGAPHANSI KWESIGABA 69 SOMTHETHO WEZOKUPHATHWA KOGU (UMTHETHO NO. 24 KA-2008)

Lesi yisaziso ngaphansi kweSigaba 69 soMthetho Wezokuphathwa Kogu (UMthetho No. 24 ka-2008) sokuthi uMasipala weTheku uzofaka isicelo eMnyangweni Wezamahlathi, Ezokudoba Nezemvelo semvume yokuchithelwa kwamanzi ogwini yiManzimtoti Wastewater Treatment Works (WWTW).

IManzimtoti WWTW iyindawo okuhlanzwa kuyona udaka olungu-30ML ngosuku, esogwini oluseNingizimu. Ukungcola okuwuketshezi okuhlanzwa kule ndawo kulawulwa ngethangi elikhulu bese kuhlungwa, kuhlukaniswe. Le ndawo ibe isihlukanisa kabili, kube eyesigaba sokuqala okuzikiswa kusona kanye neyesigaba sesibili. Uketshezi oluphuma lapho lube selubulawa amagciwane emagunjini amabili ngaphambi kokuba luchithelwe emfuleni eZimbokodweni. Udaka olusalayo lube selufakwa kwamanye amagumbi amabili ngenhloso yokuba luqine ngaphambi kokuba lunyangwe izigaba ezimbili ezilandelwa wukuba luthuthwe ngamaloli lususwa kule ndawo luhanjiswa lapho luzolahlwa khona.

Isicelo kanye nezithasiselo ezihambisana naso kutholakala kuleli kheli:

AMANZIMTOTI WASTEWATER TREATMENT WORKS

02 NYATI ROAD

AMANZIMTOTI 4126

Noma ngokucelwa nge-mail kuleli kheli: selina.govender2@durban.gov.za Abafisa ukuphawula kufanele bathumele imibono yabo nge-email kuleli kheli: selina.govender2@durban.gov.za engakashayi umhla ka 31 October 2023

Ngo-2030 iTheku liyobe lingu ngqa phambili

Related Articles

Back to top button