News

Akanelisekile ngolwezempilo eSayidi

UMnuz Mncwathi uchaze wathi usefake ibhande alinikwa khona esibhedlela kanti uhamba ngenduku futhi awayinikwa khona, kodwa zonke le zinto azimsizi ngoba akakwazi ukulala ebusuku ebulawa yizinhlungu.

USEFAKE isikhalo kwabezempilo ePort Shepstone Regional Hospital kanye nakwaboMnyango wezeMpilo uMnuz Siphamandla Mncwathi waseBhobhoyi ngaseSayidi othi alumsizi usizo lwezempilo abamnika lona kulesibhedlela.

UMnuz Mncwathi uthi ukuba kuya ngokwakhe ngabe bambhalela incwadi yokumdlulisela kwezinye izibhedlela eThekwini, ngoba bayehluleka ukudambisa noma ukuqeda izinhlungu ezimbulalayo kusukela washayiswa yimoto zingu 12 ku-Agasti 2021.

“Ngashayiswa yimoto edolobheni ePort Shestone ngo 2021, ngathola usizo lwezempilo esibhedlela iPort Shepstone Regional lapho ngafakwa okhonkolo abathathu ukuzama ukwehlisa nezinhlungu engizizwayo nokungangisizanga ngoba zisangibulala namanje,” kusho uMncwathi.

UMnuz Mncwathi uchaze wathi usefake ibhande alinikwa khona esibhedlela kanti uhamba ngenduku futhi awayinikwa khona, kodwa zonke le zinto azimsizi ngoba akakwazi ukulala ebusuku ebulawa yizinhlungu.

“Uma ngibavakashela esibhedlela ePort Shepstone ngithola odokotela abehlukene nokuyinto engihlupha kakhulu ngoba ngifika bangiqalise phansi okuhloleni inkinga yami, futhi bangitshele izinto ezingafani ngempilo yami nokugula nokuthi ngidinga usizo olunjani,” kusho uMncwathi.

Elandisa ngodokotela uMncwathi uthe udokotela wokuqala wamtshela ukuthi udinga ukuhlinzwa afakwe insimbi emlenzeni kodwa udinga ukulinda abe neminyaka engu 40 ubudala.

“Leyo yinto ekunzima ukuthi ngiyenze eyokulinda ngoba le zinhlungu azilindile ziyangibulala, angikwazi ukulala ebusuku namaphilisi abanginika wona akangisizi. Owesibili udokotela ungitshele ukuthi kumele ngilinde ngikhule ngibe neminyaka engu 60 ubudla ukuze ngihlinzwe ngifakwe le nsimbi,” kusho uMncwathi.

UMnuz Mcwathi uthi usezame kaningi ukukhalaza kwaboMnyango wezempilo oGwini nasesibhedlela ePort Shepstone Regional, lapho wafika ngolunye usuku engekho ophethe ezezikhalazo nokuxhumana nomphakathi esibhedlela.

“Kwathiwa angishiye inamba yami yocingo uzobuyela kumina kodwa dololo ukuthi abuyele. Ngaya nasemahhovisi oMnyango wezeMpilo ePort Shepstone nakhona ngatshelwa ukuthi akekho obhekele lo daba engize ngalo. Kwathiwa angishiye inamba yami yocingo uzobuyela kumina kodwa akazange abuyele kumina. Ngiyafa yizinhlungu angikwazi kulala futhi nosizo angilutholi kwabezeMpilo. Bese ngicela bangenzele noma yincwadi yokungidlulisela kwezinye izibhedlela uma behluleka ukungisiza,” kusho uMncwathi.

Okhuluema isibhedlela sasePort Shepstone uPhumza Morai uthe lo daba lusaphenywa abaphathi bezempilo.

Back to top button