Ikusasa alaziwa

Yenza okufanele ithuba lisekhona ngoba ngeke uphile ingunaphakade.

Kunzima ukwamukela ukuthi singabahambayo. Kodwa ake uhlale nje umzuzwana uyicabangisise lento. Iqiniso lithi ngeke sonke siphile ingunaphakade iqiniso elimsulwa elingephikiswe lelo, libuhlungu linjalo kodwa kusayilo iqiniso. Ngakhokhe yini ndaba kubalulekile ukuphila ngasosonke isikhathi ngokuba usebenzise umzuzu nomzuzu wenze lokho okufisayo? eyami impendulo ithi, asazi sizokufa nini, kanjani, futhi kuphi. Ngakho ke lesikhathi onikwe sona sisebenzise kahle.

Ngiyaqonda ukuthi lesi isihloko esingelula neze ukukhuluma ngaso kodwa kufanelekile ukuba sike siziseshe; sifunisise ukuthi yini lokhu singabantu siphila emhlabeni okumele sikwenze ukuze mhla silishiya leli likamjokwane kandaba  kube sesiyibekile induku ebandla.

Ukwenza umehluko akudingi ukuba umuntu abe nezizumbulu zemali okanye aze enze into enkulu ezoduma umhlaba wonke ukuze kubonakale umsebenzi wakhe. Lokho okuncane okwenzayo kusho lukhulu kulowo osizwayo.

Nginenhlanhla mina ngoba ngifundela uKwamukela ebandleni engikhonza kulona. Lapha sitsheliwe ukuthi ngeke samukele uma singazi lutho ngebandla. Lokho kubala ukuba siqonde umsuka webandla esikhonza kulo nokuyizona zinto ezibalulekile ezenziwayo ebandleni lethu.  Ngenhlanhla enkulu kunencwadi esifunda ngayo enemithetho, imikhuleko kanye nendlela ekumele ngabe siphila ngayo.

Njengoba sifunda; ngithola izinto eziningi ezinye ebengizibukela phansi ukuthi kanti ngokwesonto ziyisono. Ngibala okungidumazile nje ngashaqeka ngoba nami ngiyakwenza, lokhu kokuba udle kanti ususuthi, bengingazi ukuba lokho isono.

Okunye okungithathile ngemithetho yalelibandla ilapho kukhulunywa khona  ngesono. La kuchazwe kwathiwa uma uhluleka ukupha abaswele ekubeni unayo indlela yokubasiza kuyisono lokho. Bekungeke umhlaba washintsha ukuba sonke besikuqonda lokho na? Ngabe ababaningi abantu abaswele ngaloluhlobo ezindaweni zakithi. Ngabe  abaholi bethu benza okufanel, ngendlela efanele ukusiza emiphakathini na? Ngingasayi kude ngingalinganisa ngezwekazi lethu i-Afrika,elikhungethwe ukuhlupheka ngendlela emangalisayo. Kuze kusize amanye amazwekazi angaphandle kweAfrica ukuzosiza ekubeni bekhona omakhelwane abanga siza.

Kuphindwe kwathiwa akuqokiswe abangenazinto zokumbatha. Njengoba sinezimphahla inqwaba esesingazigqoki umuntu avele akhethe ukuzishisa engabe ziphiwa abantu abaswele. Lokhu bekunganciphisa ngisho izinga lezingane ezikoleni ezihambi ngezicathulo ezibhobokile okanye ibhulukwe eliklebhukile.

Impilo ingaba lula uma sonke singaba nezinhliziyo ezinhle ezinesihawu. Akudingi ukuthi kuze kukhishwe izinkulungwane ukuze kuzokwenzeka izinto. Lokho okuncane nje onakho nikela ngakho lakufanele khona. Uphiwe ukuba ucebe ngomusa, ngakhoke ungancishani ngento nawe owenzelwe isihawu waba nayo. Khumbula, ngeke uphile ingunaphakade emhlabeni, singabahambayo…

Exit mobile version