Ubuhixihixi bushiye izaguga zingayiholile impesheni yazo

‘’kukhona abantu abangathathi etweni ngempela, izinto ezikanje zidala usizi kubantu''

Bekuzinyembezi kuphela evikini eliphelile ngenkathi izaguga kanye nabaphila ngokukhubazeka bengayitholanga imali eyisibonelelo sikahulumeni. U-Postbank uke waveza ukuthi kube khona ubuhixihixi mayelana nemali, kepha uphinda waveza ukuba sekulungile konke imali isikhona, izaguga zingayikhipha ezitolo kanye nasemshinini yasemabhange, yize kunjalo baningi abasakhala ngokuthi imali abakaze bayithole kuze kube manje.
UMhlongo wasendaweni yaseAlpha ungomunye ofice kukhala ibhungane ebhange ngosuku lokuhola, ubesechaza ukuthi ‘’Sivuke ngovivi sinethemba lokuthi imali sizoyithola njengenjwayelo kodwa kuze kwabantambama singasizakali, savuka ngosuka olulandelayo nakhona sinethemba lokuba imali isikhona kodwa lutho. Okubuhlungu kakhulu ukuthi akekho umuntu ositshela ukuthi kwenzakaleni ngemali, ngisho laba abasebenza khona kwaSASSA kanye nasemaposini abasitsheli lutho.’’
UMhlongo ubesenxusa ukuba baziswe uma kuzoba khona ubuhixihixi futhi baziswe usuka lokuhola ukuze bezozihlela nabo. ‘’Kungaba ncono kakhulu uma singatshelwa kusanesikhathi izinto ezifana nalezi, kungabi ukuthi siyavuka ekuseni ngovivi njalo siya emadolobheni kanti imali ayikho sifike silinde into esingayazi noma izophumelela yini, lokhu kudala inxabano phakathi kwabantu abazohola nabasebenzi lapho kuholwa khona. Sicela nokuthi ulwazi lukhishwe ngolimi sonke esiluqondayo nesiluzwayo.’’
UMhlongo uphethe ngokuthi ‘’kukhona abantu abangathathi etweni ngempela, izinto ezikanje zidala usizi kubantu ngoba lemali akusiyo eyamahhala, kukhona abantu abasebenze kanzima ebusheni babo futhi beyikhokhela intela, ilungelo labo ukuba bayithole lemali.’’

The news provided to you in this link comes to you from the editorial staff of the Vryheid Herald, a sold newspaper distributed in the Vryheid area.

Back to top button