EntertainmentLifestyle

‘Umculo kamaskandi unomlayezo onesigqi’

'...Lo mculo akusewona wabantu abadala nje kuphela noma abantu ababuya emakhaya, kodwa ungowawo wonke umuntu'.

Lolo Madonsela

Umculi kamaskandi osafufusa, uSphelele Dlamini (21) odabuka kwaMnyathi, bufuphi ne Vryheid uthi uthando lalomculo waluncela kuyise esaseyibhobhodlana.

“Ngakhula ubaba ethanda ukulalela lomculo, ngangiwulalela kanye naye. Yilapho ke uthando lwami lomaskandi lwasuka khona. Ngaqala ukucula ngo 2004 kwathi ngo 2013 ngenza izingoma ezimbili. Ngokubona indlela umphakathi ungamekela ngayo, nangendlela lezingoma ezaba nesasa ngayo, ngase ngiqoma ukukhipha icwecwe elinezingoma ezilishuminambili kulonyaka ofile”, kusho uDlamini.

Uchaze ukuthi into emenze awuthande lomculo ingoba unomlayezo futhi ukukhuluma ngezinto ezithinta abantu ngqo.

“Umculo kamaskandi ukhuluma ngezinto ezanzeka mihla namalanga ezimpilweni zabantu futhi zinomlayezo onesigqi. Nangendlela udaba olubeka ngayo kwesinye isikhathi inoluhlekisa kodwa kube kuliqiniso. Kudlalwa ngolimi nje kakhulu kumaskandi”, kusho uDlamini.

Uthe lo mculo akusewona wabantu abadala nje kuphela noma abantu ababuya emakhaya, kodwa ungowawo wonke umuntu.

Also read: Artists canvass Bhekuzulu for talented creative hands

“Uma uzazi ukuthi ungubani, imvelaphi yakho, nokuthi uyaphi, umculo kamskandi iwona okulungele ngoba uphinde ugqugquzela nangesiko lethu bantu bakwaZulu. Uveza ubuciko bethu. Intsha nayo kumele iwuthande lomculo ngoba umlayezo wawo uyakha futhi ugqugquzela ubuwena”, kuchaza uDlamini.

Elanda nge cwecwe lakhe elisihloko sithi Makhelwane, uDlamini uthe usezakhele idumela emahostela nasezikhungweni zamatekisi eGoli njengoba kuyilapho lithengwa khona kakhulu.

“Bayawuthokozela impela umculo wami baphinde bachazwe nawukuthi ngiyazishayela isigingxi. Kodwa ke angipheleli eGoli kuphela nakhona la ekhaya abantu bayakhombisa ukuyithokozela impela lento engiyenzayo.

“Isihloko salelicwecwe esithi Makhelwane sisukela esigamekweni esenzeka ngisasemncane lapho kwaba khona ukungaboni ngaso linye phakathi kugogo wami kanye nomakhelwane owayengasafuni ukhokha imali ayeyikoloda ugogo. Lokho kwagcina kubangele ukuthi umakhelwane aguqise iwele lami ngokulidlisa ushevu. Le ngoma ikhuluma ngalesosehlo”, eqhuba.

Uphinde waveza ukuthi ngesikhathi eqala kulengosi yezomculo wayesebenzinsa isgingxi ayesenze ngothayela kodwa ngokuhamba kwesikhathi elokhu engenela imincintiswano wagcina ehlonyuliswa ngezigingxi zangempela.

“Ngajabula kakhulu ngesikhathi ngihlonyuliswa ngesgingxi sami sokuqala ngemuva kwalokho ngase ngizithengela mina ezinye ngemali engiyithola uma ngiqashwe ngabantu ukuthi ngizonandisa eminicimbini yabo.

“Into engigqugquzelayo ukuthi ngiqhubeke nomaskandi ukuthi ngiyabona ukuthi isona siphiwo uNkulunkulu angipha sona njengoba ngingakwazanga ukuqeda isikole. Sekwangicacela bha ukuthi kubalulekile ukulandela isipho sakho ngoba uyakwazi ukuziphilisa ngaso, uphinde uxoshe nekati eziko. Isifiso sami ukusebenzisa nentsha esemculweni we Hip Hop ukuze sikwazi ukuheha intsha eningi ukuthi ilalele futhi iwulandele umculo kamaskandi ngaphandle kokuzenyeza”, kuchaza uDlamini.

Icwecwe lakhe liyatholaka kuye ngo R40 kulenombolo 076-119-3248.

Upcoming Maskandi artist, Sphelele Dlaimini.

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

Related Articles

Back to top button