Umasipala unayo imali yokuthenga izimoto?

Siyanibongela Somlomo neSekela Lemeya kanye neMeya zinoju ngempela

Mhleli
Kuyadumaza ukwazi ukuti umnyango ka-CoGTA uyakweseka ukuba kusetshenziswe izimali zabakhokhintela ngokuthenga izimoto ezibizayo ngokungenasidingo. Kufakazela ukuthi omasipala banayo imali ezindlodla, kepha ayisetshenziswa kwintuthuko yemiphakathi, kepha ukwenza ngcono izimpilo zamakhansela. Siyanibongela Somlomo neSekela Lemeya kanye neMeya zinoju ngempela. Kwangathi uCoGTA ungawacabangela namakomidi kulomtanuzo wezimali kanjalo nomphakathi ungagcindezelwa ngokunyusa ama-rates nogesi ngoba lohulumeni unayo imali. Akungahlomuli amakhansela kuphela.
Eqinisweni awabonakali lamakhansela ebheka imphakathini, kubonakala izinhlaka zamakomidi amawardi engabe izona ezithengelwa izimoto.
Ilunga elikhathazekile lomphakathi


HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394.

Exit mobile version