OkhathazekileIndawo edayisa utshwala nenkinga yezindlu zangasese

Mhleli Ngithi ake ngizwakalise ukungenami kwami ngento engiyibone yenzeka kwenye yezindawo okuphuzwa kuzo utshwala e-Golden Geese siqolwa sibhekile. Abantu baphuzela ngaphakathi engikubone kweniziwa ezinye zezisebenzi eziqashwe khona ngicabanga ukuthi akuhambisani nomthetho. Abathengi kuthiwa abakhokhe imali engango (R1) uma befuna ukusebenzisa indlu yangasese. Uma unendawo edayisa utshwala lapha abathengi bethenga bephuzela phakathi, umthetho uyakuphoqa ukuba ube …

Mhleli
Ngithi ake ngizwakalise ukungenami kwami ngento engiyibone yenzeka kwenye yezindawo okuphuzwa kuzo utshwala e-Golden Geese siqolwa sibhekile.
Abantu baphuzela ngaphakathi engikubone kweniziwa ezinye zezisebenzi eziqashwe khona ngicabanga ukuthi akuhambisani nomthetho.
Abathengi kuthiwa abakhokhe imali engango (R1) uma befuna ukusebenzisa indlu yangasese. Uma unendawo edayisa utshwala lapha abathengi bethenga bephuzela phakathi, umthetho uyakuphoqa ukuba ube nendlu yangasese, yabesilisa nabesifazane.Kwenzeka kanjani ukuthi umthengi afike athenge utshwala aphuzele endaweni yakho bese ubuye umkhokhise uma esefuna ukusebenzisa indlu yangasese.
Ngicela abazi umthetho bangelekelele kuloludaba.
Okhathazekile

Exit mobile version