Ugogo Thwala ukhale izinyembezi zenjabulo eyakhelwe igumbi lokulala

UGogo Thwala ubelale kumjondolo oconsayo, ovalwa ngengubo yokulala iminyaka, ukhale ngokuthi sekukaningi kufika abantu kanye nezikhulu zikamasipala wendawo zithi zizomakhela indlu, kodwa kwafana nokuthela amanzi emhlane wedade njengoba uGogo Thwala nomndeni wakhe besebedikibele.

Umndeni waGogo Thwala (78) eVoko ubungakwazi ukuzibamba izinyembezi zenjabulo njengoba osomabhizinisi base Dundee kanye nabaxhasi abashaye emaphaketheni abo babakhela igumbi lokulala. UGogo Thwala ubelale kumjondolo oconsayo, ovalwa ngengubo yokulala iminyaka, ukhale ngokuthi sekukaningi kufika abantu kanye nezikhulu zikamasipala wendawo zithi zizomakhela indlu, kodwa kwafana nokuthela amanzi emhlane wedade njengoba uGogo Thwala nomndeni wakhe besebedikibele.
Akakwazanya ukubamba izinyembezi uGogo ngenkathi esebona igumbi lakhe selakhiwe ngokuphelela, “angikholwanga kufika osomabhizinisi bendawo kanye namalunga omphakathi bezosakhela indlu yokulala, sesiside izikhathi ngilala emkhukwini nginethwa yizimvula”, kukhala uGogo Thwala. Uqhube wathi akazi uzobabonga ngani abaxhasi abenze lomsebenzi waba impumelelo.UNkk Ntuli ovela eKZN COGTA (CDW) uchaze wathi yena nethimba lakhe baprofayile umndeni waka Thwala eminyakeni edlule bafica isimo singesihle. “Baningi abantu abathembisa ukusiza umndeni wakwa Thwala kusukela ku 2016/2017 kodwa bangazifeza izithembiso zabo, kuthe kulonyaka uqala sabuyela futhi sathola isimo sesinjalo, ugogo esalala emkhukhwini ovuzayo,” kuchaza uNkk Ntuli. Uqhube wathi yena namalunga aka wardi-6 kanye nabantu ababambiqhaza bebefisa ukwakhela ugogo amagumbi amabili kodwa akwenzekanga.UMnz Bonginkosi Khulu obemele iMelusi Christian Centre ubongele umndeni wakwa Thwala waphinde wachaza ukuthi abadlali be-Melusi United basizile ngokwakha ngenkathi abaxhasi beletha impahla yokwakha.
Umndeni ubonge labaxhasi: Mnz Thandinkosi Zulu GCIS, Mr Ayanda Hadebe, Emphathe Clinic, KZN Health, Emphathe Clinic staff, Mr Sphephelo Tembe, KZN DARD, KZN Department of Agriculture and Rural Development, KZN EDTEA, Dundee Service Office, Nkk Gugu Sibisi, KZN EDTEA, Mr Saggy Pillay, Tayside Lounge,
Yasen Shunga, KZN Community Safety Volunteer, Zandile Mntambo, Endumeni Ward Committee, Nozipho Mathenjwa, Life Line, KZN DSD, Dundee Service Office, Ikusasalethu Clothing Dundee, Twin Brothers,
Dundee, Msho (Norman Blocks), Dundee eSbongile,Melusi Christian Centre, Dundee, Mr Bonginkosi Khulu Melusi Christian Centre, Talbricks Hardware Dundee,
Talbricks Blocks and Bricks , Dundee, Build-IT Hardware Dundee, NKK Delein
Lefleur Build-IT Hardware Dundee,
Khan Concrete Products, Dundee, Rite Price hardware, Dundee, Ace hardware, Dundee, Builders hardware, Dundee, Highway Motors, Dundee, Endumeni CWP kanye ne White Glove NPO Forestdale.

 

You can read the full story on our App. Download it here.
Exit mobile version