Umphakathi wakwaCeza uzibambele mathupha walungisa ibhuloho nomgwaqo

Lomgwaqo ungaphansi koMnyango wezokuThutha esifundazweni i-KwaZulu Natal nosekunesikhathi eside uthembisa ukuthi uzolekelela kodwa namanje kucwebe isiziba.

Umphakathi wakwaCeza uthathe isinqumo sokuyozakhela kabusha indlela yokuhamba emuva kweminyaka emithathu bengenalo ibhuloho kwaDuvela.
Lelibhuloho laguguleka ngonyaka ka 2021 ngesikhathi kunezimvula. Lomgwaqo wavalwa obulekelela kakhulu abantu abasuke belibangisa e-Vryheid besuka kwaCeza. Lomgwaqo ungaphansi koMnyango wezokuThutha esifundazweni i-KwaZulu Natal nosekunesikhathi eside uthembisa ukuthi uzolekelela kodwa namanje kucwebe isiziba. Umgwaqo okwathiwa abawusebenzise usudale izingozi ezingingi ngenxa yokuthi nawo awulungiswa. Umphakathi ucela ukulekelelwa ngeSonto elizayo uzoqhubeka ulungise lesi simo.
Amalungu omphakathi abonge bonke abaphumelele ukuba kuzanwe ukulungiswe indawo yabo abaphila kuyo.

The news provided to you in this link has been investigated and compiled by the editorial staff of the Vryheid Herald, a sold newspaper distributed in the Vryheid area. 

Exit mobile version