NewsVryheid Herald

‘Iconsi ligcwalisa ibhakede’ liveza ushintsho kubantu

‘’Ubuntu into eyadalwa uNkulunkulu into ekhona, thina siyithatha la siyifice khona siyayiqhuba siyisa phambili.’’

Ilindeleke ukuba ivulwa kahle ngokusemthethweni indlu kagogo waseMondlo emavikini alandelayo.
Uzokhumbula ukuthi i-Ayanda Msweli Foundation ike yavakashela ugogo waseMondlo kaB obehlala endlini engekho esimeni esithokozisayo, lapho ugogo ubenethwa izimvula aphinde ashiswe ilanga ekhona kuleyandlu.
Emva kokuvakashela ugogo, uMsweli ubesenxusa abantu baseSouth Africa namaphethelo ukuba benze iminikelo ngaphansi kohlelo ‘iconsi ligcwalisa ibhakede’ ikuba yakhiwe indlu kagogo.
UMsweli uveze ezinkundleni zokuxhumana ukuba isiphelile indlu kagogo waphinda wabonga abantu bonke abafake isandla ukuba kushintshe impilo kagogo. ‘’Ubuntu into eyadalwa uNkulunkulu into ekhona, thina siyithatha la siyifice khona siyayiqhuba siyisa phambili.’’ Kusho uMsweli ngokujabula.

The news provided to you in this link has been investigated and compiled by the editorial staff of the Vryheid Herald, a sold newspaper distributed in the Vryheid area. 

Related Articles

Check Also
Close
 
Back to top button