communityDundee CourierNews

Uya Kuma Final e-Miss Phenomenal South Africa uZime waseNquthu

Abafisa ukuhambela lomcimbi we-Miss Phenomenal South Africa bangazitholela amathikithi abo kusekhona isikhathi ngokusebenzisa izinkundla zokuxhumana okanye e Computicket.

UZama Zulu yintokazi eseyintsha eneminyaka engu 26, udabuka elokishini laseNquthu, useneminyaka eyevile kweyishumi emkhakheni wonobuhle Kanti futhi uphinde abe nesikole esikhulisa abantwana abancane abafisa ukuba ngoNobuhle khona eNquthu.
Ngenyanga ezayo kulindeleke ukuba aye emqhudelwaneni sokugcina wesicoco se-Miss Phenomenal South Africa mhla zingu-9 December ePitoli e-Encore Theatre lapho izintokazi ezibaqoqode emakhanda ezifundazweni zobe zihlanganiswe ndawonye ziqhudelana ngobuhle ukuze kuphume uMpetha walesicoco.

Akungabazeki ukuthi uZama uzothatha isifundazwe saKwa-Zulu Natal asibeke ebalazwe kulomncintiswani njengoba ehlala enza ko-Miss Photogenic Queen 2020, Miss, Carnival 2018, KZN Ambassador 2021, Miss Amajuba District 2019, Miss Summer 2019, Miss uMzinyathi 2nd Princes 2019 nezinye izicoco ezingabaluliwe.

UMageba ungomunye wonobuhle okwabanzima ukuba bangenele umbukiso we Dundee July ngenxa yobufishane kodwa lokho akumuqedanga mandla ukuba angene ezinye izicoco waphumelela njengoba kulonyaka ekwazile ukuwina I Miss Dundee July Public Choice okungukuthi bekungeyikuqala ehlelelwe ukugqugquzela labonobuhle abangakulungele ukungenela uMbukiso weNqephu kwi Dundee July.
Lomncintiswano ugqugquzela ukuphula nokukhuthazeka ngokomqondo nokuthi abantu bangazenyezi ngesidima Sabo futhi bangacwaseki, ngengoba ohela ukuziqhenya ngobuwena bakho kuqala emqondweni Kanti futhi ukuzenyeza ngomzimba wakho nokucwaswa ngabanye abantu kwenzeka kuphela Uma umqondo wakho ukuvumela.
Uma kukhulunywa nge-Mental Health kusuke kugqugquzelwa ngokomqondo ikakhulukazi kubantu abaphila nezinkinga ezifana nencindezi ukuba bavuleleke ithuba lokukhuluma ngababhekene nakho ngaphandle kokwesaba
Njengoba uZama enze uhlelo lokukhulisa abantwana ababukela kuye abafake kulomkhakha kungenye yezinhloso zakhe ukuthi abafundise ukuba bakhule beziqhenya ngesidima Sabo futhi babe nesimilo baphinde bangazimbandakanyi nezinto ezizobaphuca ububona babo njengezidakamizwa, ukukhulelwa besebancane Kanye nokunye.
Abantwana abafunda ngaphansi kwesandla sakhe banenhlanhla ngokuba phela uZama unothando nesineke sokufundisa ngoba uneziqu zobuthishela Kanti futhi nsukuzonke uhlala emi ngaphambi kwabafundi baseHaladu Primary School khona eNquthu.
Abafisa ukuhambela lomcimbi we-Miss Phenomenal South Africa bangazitholela amathikithi abo kusekhona isikhathi ngokusebenzisa izinkundla zokuxhumana okanye e Computicket.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.

Related Articles

Back to top button