NewsVryheid Herald

Lizokhuphuka izinga kwezemidlalo nokuncebeleka eNquthu

"Ingoma iyona eqoqa abantu futhi ehlumelelisa nezimilo, nokuthi inikeze izingane into ezingayenza kunokuba zicwile ezidakamizweni.''

Indawo yaseNquthu inomlando oseqopheleni eliphezulu kwezamasiko, ubuciko nokuncebeleka, kanti futhi iyisizinda esibalulekile sezigcina magugu kwelikaMthaniya, umasikandi kanye nezinye ezemidlalo.

Kulonyaka uphakathi ukhumbule usuku lweNkukukeko ngomhla ka-April 26 ngendlela ehlukile kunakuqala futhi enesasasa elihle emphakathini ekade ihlelwe iciko elidabuka endaweni yaseThelezini eSilonjane uZwelibanzi Sibiya.

USibiya ngaphansi kweNkampani yakhe ezimele kuZwelonke i-Black Light Creatives uhlele umdlalo weShashalazi i-Interrogation Room ekhuluma futhi ikhumbuze intsha nomphakathi lapho siphuma khona nombuso wobandlululo. Abafundi, osomabhizinisi bendawo, osopolitiki, othishela kanye nabahlali baseNquthu jikelele kubandakanya nezivakashi zaseGoli naseThekwini babuthane eNcome Museum (Isigcinamagugu SaseNcome) ukuzobuka lomdlalo obukade ubophele abalingisi abafana no Peter Mashikgo osanda kuwina i-Best Actor Award phesheya kwezilwandle kanti futhi ubonakala emidlalweni eminingi kamabonakude eMzansi, phakathi kwalabalingisi kubonakale noSabelo Motloung odabuka khona eNquthu eNdaweni yaseMahloleng naye osemidlalweni eminingi ezovela kumabonakude, kanye no Richard Nel odabuka kwelase Ukrane obelingisa ukuba yiphoyisa leBhunu ngesikhathi sobandlululo.

Ihholo lesigcinamagugu saseNcome laligcwele liphuphuma ngangokuba kwaphela amathikithi ayesenanini lika R50 kwagcwala zonke izihlalo, ababukeli bona abawuvali umlomo ngabakubone bukhoma e-Stage.

Ngokusho kukaSibiya uthi “bengifisa ukuthi njengomhlali wasendaweni nginikeze intsha ithuba lokubana into abacabanga ukuthi angeke bayibone ngoba ayikho i-Play house eseduze nabo njengoba bakhele indawo zasemakhaya. Kanti futhi lokhu kubafundisa ukuthi babenoqgozu nofuqufuqu lokuthi nabo bangakwenza ngelinye ilanga ikakhulukazi njengoba bekwaze ukudibana nabalingisi abavelele ezweni, nakho ukuthi bazi ukuthi lento yenziwe umuntu wangakubo kuzobanikeza indlela ethize yokubona ikusasa eliqhakazile ngabo.”

Uphethe ngokuthi akugcini nge-Interrogation Room njengoba ngamaholidi kazibandlel kulonyaka, umphakathi waseNquthu nezindawo ezakhele zizobona umdlalo weShashalazi obizwa ngokuthi “Impi Yase Ncome”.

Abafundi abathola ithuba lokulokuphawula emva kwalomdlalo baveza intokozo ngokuthi sebeyaqonda ukuthi makukhulunywa ngobandlululo kwakukade kwenzakalani ezweni, kanti abantu abadala babegqugquzela ukuthi imidlalo efana nalena uqhubeke ngokuba isizwe sizofunda lukhulu, kanti futhi lemidlalo bagcina ngokuyibona emadolobheni akude nabo.

Kukandela lomDlalo ngoMhlaka 30 kwetshiswa ngemncintiswano weNgoma kaShameni lapho ingoma yakwaMkhize oHaleni yancindela amanye amaqembu umklomelo weNkomo isibili kusukela ngonyaka ophelile. USotobe njengomhleli waleNgoma uveze ukuthi nayo wayiqala ngonyaka ophelile futhi izoqhubeka unyaka nonyaka. Ingoma yaseNkanini okuyigama loMuzi wakwaSibiya owengamelwe uMnu. uZwelibanzi iyona ngoma evelele eNquthu yomklomelo weNkomo.

“Ingoma iyona eqoqa abantu futhi ehlumelelisa nezimilo, nokuthi inikeze izingane into ezingayenza kunokuba zicwile ezidakamizweni, ngenxa yaleso simo loku kungukufaka Isandla ekukhuluseni isizwe sakusasa esiqotho, buka iqembu engikakhile laseThelezini “Amaphekulasikhuni” kade ligida okokuqala kulomncintiswano lajike la lala isibili, lokho kusho ukuthi abantwana abagida kuleliqembu sebenayo into abazogxila kuyo emphakathini ebathuthukisayo ikakhulukazi emqondweni.” Kusho uZwelibanzi Sibiya ongumhkeli nomsunguli womncintiswano weNgoma yaseNkanini.

Ingoma lale isithathu kube ithimba leziNyokanyoka. Lengoma ibonakale nayo isekwa kakhulu njengoba ibikade igadwe amaphiyisa aseMondlo, ihanjelwe iziqumama zendawo Kanye nobuKhosi bakwaMolefe.

Ingoma yaseNkanini izoqhubeka minyaka yonke ekupheleni kuka-April ngaphansi kweNkampani yabahleli bayo i-Black Creatives eqondiswa nguye uSotobe.

The news provided to you in this link comes to you from the editorial staff of the Vryheid Herald, a sold newspaper distributed in the Vryheid area.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.

Related Articles

Back to top button