Imkomfa yabesifazane ibanjwe eMajuba Tvet College

Kube usuku lwenjabulo kanye nosuku olugcwele iziyalo nothando kubafundi besifazane base Majuba Tvet College.

Abafundi base Majuba TVET College eDundee isingathe uhlelo oluyimpumelelo loSuku Lwabesifazane okuhloswe ngalo ukuthuthukisa abafundi abasebasha.
Ukuqwashisa kwaba yingxenye yokulwa nokusabalala ko dlame olusekelwe ebulilini kanye nokubulalwe kwabesifazane.
UMqondisi wakwa Government Communication and Information Systems KwaZulu-Natal uNkk Ndala Mngadi unxuse abafundi ukuthi baqaphele izinselelo zempilo ohambweni lwabo lokuba ngabantu abaphumelelayo. Ukuqinisekisa inhlalakahle yabafundi, isibhedlela sase Dundee sihlinzeke ngemfundo yezempilo saphinde senza nezempilo. Amaphoyisa asendaweni aqinisekise abafundi besifazane ngokuphepha kwabo futhi wabakhuthaza ukuthi babike noma yiluphi uhlobo lokuhlukunyezwa.
Ekhuluma namakhulu abafundi besifazane uNksz Zandile Mnguni ovela eNewcastle Corporate Services Manager BMW Group onikele ngama sanitary pad eMajuba TVET College utshele abafundi besifazane abasebancane ukuthi imfundo izoqhubeka nokuba wukhiye wokubabumba ukuze baphumelele.
“Ngiyaninxusa bafundi ukuthi nithathe izinyathelo zokuphepha ezigcwele zezinselele zempilo futhi nikhuthaze abanye ukuthi baphuphe kakhulu futhi babe ngabesifazane abaphumelelayo bakusasa.” Uqhube ngokuxoxela abafunde ngempilo ayiphila kudala esafunda enyuvesi iMangosuthu University of Technology lapho azibona khona esenkululeko endlulele, wathatha izinqumo ezingafanelekile ngempilo yakhe. “Kumele ngasosonke isikhathi ukhumbule ukuthi uzokwenzani lapho eMajuba College, uphinde futhi ube nombhuthano omuhle wabangani ukuze ungaphambuki kumngomo wakho wokugcina,” kuchaza uNkszn Mnguni.
UNkk TV Dlamini weMajuba TVET College Umphathi Wezinsizakalo Zokusekela Abafundi uzibophezele ekuxhaseni zonke izinhlelo zezempilo nempilo enhle ezihlelwe yikhempasi ukusiza bonke abafundi.
Kube usuku lwenjabulo kanye nosuku olugcwele iziyalo nothando kubafundi besifazane base Majuba Tvet College.


HAVE YOUR SAY: Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394.

Exit mobile version