Unqgongqoshe uhole uhlelo ‘Isbhedlela kubantu’ endaweni yaseMondlo

OkaSimelane unxuse abantu besifazane ukuthi bazijwayeze ukucela ukuhlolelwa lemidlavuza, baphinde basebenzise ijazi lomkhwenyana noma elikamakoti.

Ungqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uNksz Nomagugu Simelane uvakashele umphakathi waseMondlo endaweni yaseMadresini. Ungqonqoshe, uyivale ngegiya eliphezulu inyanga yezempilo ngesikhathi etheleka ne’sibhedlela kubantu’ maqede kwasizakala izinkumbi zabantu ngezinsia zezempilo.

OkaMagutshwa obehamba nochwepheshwe kwezempilo abasuka emikhakheni ehlukahlukene, uqwashise abantu besifazane ngobungozi bomdlavuza webele, umdlavuza wesibeletho, kanye nesifo ezithathelana.

OkaSimelane unxuse abantu besifazane ukuthi bazijwayeze ukucela ukuhlolelwa lemidlavuza, baphinde basebenzise ijazi lomkhwenyana noma elikamakoti ngoba nalo seliyatholakala, ukuze bavikeleke ezifweni ezithathelana ngokocansi.

Uphinde wabanxusa ukuba bathathe iphilisi lokuzivikela kwi-HIV, elibizwe nge-PrEP (Pre-Exposure Prophylaxis), baphinde bahlele imindeni ukuze kuphele ukukhulelwa okungahlelelwe okuholela ezinganeni ezingathandwa, nezigcina sezihlukumezeka, kokunye zishone ngokungenasidingo.

Kulolu hlelo lwe ‘Sibhedlela Kubantu’ kuhlomule izindimbane zabantu ngezinsiza ezahlukahlukene.

Kufike abantu abawu 517, abangu 54 bahlowa wodokotela; abangu 281 babonwa ngabahlengikazi abasezingeni eliphezulu; abangu 14 bafakwa ohlelweni lokuhlela umndeni; abangu-11 bafakwa ku-PrEP; abangu-425 bahlolelwa i-TB; abangu-300 bahlolelwa isifo sikashukela; abangu-44 bahlolelwa igciwane lesandulela-ngculazi (HIV). Abangu-19 bagonyelwe i-COVID – 19; abangu-40 bakhishwa amazinyo; abangu-40 benziwa i-Pap Smear (ukuhlolelwa umdlavuza wesibeletho); abangu-115 babonwa wodokotela bamehlo; ogogo nomkhulu abangu-30 banikwa izinduku zokudondolozela; abangu 35 bathola izibuko.

Uhlelo “Isibhedlela Kubantu”, oluholwa wuNgqongqoshe uSimelane, luzoqhubeka nokuvakashela imiphakathi eqhelelene nezikhungo zezempilo ukuletha izinsiza.

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

Exit mobile version