communityDundee CourierNews

UMeya Ndlovu ukhuze abesifazane ngophuzo oludakayo

Kulomcimbi kubuye kwadingidwa nezinto eziyizinqinamba abantu besfazane abahlangabezana nazo emphakathini, ezifaka ukukhulelwa kwabantu abasha, ukuhlukumezana ngokobulili, izidakamizwa namanzi amponjwana, kanye nokuxhashazwa kwemali yesibonelelo sezingane.

Emcimbini obehlelelwe ukubungaza inyanga yabesifazane izolo eMoth Hall, uSodolobha uSiyabonga Ndlovu unxuse ukuthi abantu besifazane bazinakekele; behlise ekuzinikeleni ezinkambeni zikaFaro.
“Bomama nosisi, omama nezingane zethu zamantombazane, ngiyanicela ake nehlise izinga lokusebenzisa amanzi amponjwana ngoba iningi labantu besifazane bazothola sebeyizisuli zokuhlukunyezwa nokunyukubezwa ngokocansi ezindaweni zokucima ukoma.”
UNdlovu ube esenxusa namadoda ukuthi abe ngabavikeli babantu besifazane kunokuba abahlukumezi.
Ngemumva kokucula, nokudumisa ukwethamela izikhulumi ebezivela eminyangweni ehlukene kahulumeni, uMeya uNdlovu ukuvezile ukuthi abantu besifazane ababambane, bathembane, balekelelane, bathandane ngoba banamandla amakhulu; kodwa ngenxa yokuthi abesekani, futhi badicilelana phansi, amandla abo aphelela emoyeni.
Kulomcimbi kubuye kwadingidwa nezinto eziyizinqinamba abantu besfazane abahlangabezana nazo emphakathini, ezifaka ukukhulelwa kwabantu abasha, ukuhlukumezana ngokobulili, izidakamizwa namanzi amponjwana, kanye nokuxhashazwa kwemali yesibonelelo sezingane.
Lapho kuvele khona nezixazululo zokuthi umphakathi ungalwisana kanjani nalezinselele.


HAVE YOUR SAY: Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394.

Related Articles

Back to top button