CrimeNewsVryheid Herald

Abesifazane baphikise ibheyili yomsolwa owabulala owesifazane ngesihluku

''Okwenza sithi angaphumi umsolwa ingoba siyazi ukuthi uma ephuma vele umfowethu lo uzophinda abulale izingane ngoba udadewethu ubenezingane eziwu-7.''

Isekela lemeya yasOndini uNkk uThembelihle Gaba Madela uhole abesifazane basOndini balibangisa eNkantolo eMahlabathini eMashona beyophikisana nokunikezwa ibheyili kamsolwa owenze isihluku wabulala owesifazane abethandana naye wase Sangoyane ku Wadi 20 Ondini.

Uvelile umsolwa ngoLwesine eNkantola, icala lahlehlela umhlaka 8 kuMandulo. Umsolwa ube esenqaba ukuba akhishwe ngebheyili nalapho ethe akayiceli. Umsolwa owayekade ewunogada esikoleni eMahlabathini Primary School, kuvelile nokuthi wake wenza isigameko esicishe sifane naso lesi nalapho kuthiwa wadlwengula ingane wabe esexoshwa.

Isekele lemeya uNkk uThembelihle Gaba Madela uphawule ngalolodaba wathi ‘’nginxusa abanye abantu besifazane bamanye amaqembu sibekanye nabo eMahlabathini ngomhlaka 8 kuMandulo ukuze sikwazi ukuthi iNkantolo noma imantshi ibone ukuthi sikhathazeke kangakanani. Okwenza sithi angaphumi umsolwa ingoba siyazi ukuthi uma ephuma vele umfowethu lo uzophinda abulale izingane ngoba udadewethu ubenezingane eziwu-7 manje sisabela lokho ngoba vele ungumbulali, ngakhoke sithi umphakathi wasOlundi awuze ngobuningi bawo ngomhlaka 8 kuMandulo eNkantolo eMashona sizovimba ukuthi angayitholi ibheyili.’’

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

Related Articles

Back to top button