uMasipala wasOlundi ukhathazekile ngokubulawa kwabantu besifazane ngenyanga yabo

"Kusiphethe kabi kakhulu ukuthi sisathi sisaphakathi nenyanga lena okuthiwa eyabesifazane kepha kusanabantu besilisa abasaqhubeka nokubulala abantu besifazane ngesihluku.''

Sibukeka siqhubeka lesi sihlava esibi sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane baze babulawe ngesihluku endaweni yasOlundi.

Lokhu kuza emuva kwesigameko esibuhlungu sokubulawa kuka Nks uNingi Gazu wase Sangoyane ku Ward 20 Ondini.

Kubikwa ukuthi bese siside isikhathi lona wesifazane ehlukumezeka kodwa engabiki loludaba.

isekela leMeya kuMasipala Ondini uNkk uThembelihle Gaba Madela kanye namakhansela esifazane bahambele kulomuzi beyobhonga emswanini nalomndeni.

“Kusiphethe kabi kakhulu ukuthi sisathi sisaphakathi nenyanga lena okuthiwa eyabesifazane kepha kusanabantu besilisa abasaqhubeka nokubulala abantu besifazane ngesihluku esinjengalesi sakwa Gazu. Sinxusa umthetho uthathe indawo yawo ulwisane nokunikezwa ibheyili lomuntu owenze lento. Nginxusa bonke abantu besifazane basOndini ukuba ngoLwesine baphume ngobuningi babo siye eMashona eNkantolo yaseMahlabathini siyophikisana nokuthi umsolwa anikezwe ibheyili. Abantu besifazane abamasukuthula behlukumezeka kwezothando ngoba kuqala kancane kugcine sekukukhulu. ”

ALSO READ:Kubulawa amagciwane erenke yasoLundi

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

Exit mobile version