NewsVryheid Herald

Inhlangano yabefundisi bamabandla ahlukene bahole uhlelo lomkhuleko

Ulundi Civil Society, Inhlangano yabefundisi kanye neminyango kaHulumeni eyahlukene bahole uhlelo lomkhuleko Olundi.

Ulundi Civil Society, Inhlangano yabefundisi kanye neminyango kaHulumeni eyahlukene bahole uhlelo lomkhuleko Olundi Multi-purpose Center ngolwesine oledlule.

Loluhlelo luqondene nokuguba inyanga yabantu besifazane ngokuthi kukhulekelwe ukuthi kuphele ukuhlukunyenzwa kwabesifazane, ukudlwengulwa kwabesifazane, ukusetshenziswa kwezidakamizwa, ubelelesi kanye nokuhlukumezeka kwabantu.

Loluhlelo luhlanganise abafundisi abahlukene abaphuma emabandleni ahlukene ukuze bakhulekele zonke izinto ezimbe ezenzeka emphakathini njengokubulawa kwabantu ema-tarvans, ukuntshontshwa kwabantu kanye nokuhlukunyezwa kwabantu besefazane nezingane.

Umfundisi ngamunye ube esitshewla ukuba uzokhulekela luphi ubhubhano olukhona emphakathini nasemhlabeni.

ALSO READ:Abefundisi bathweswe iziqu zezenkolo eNquthu

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

Related Articles

Back to top button