communityDundee CourierNews

Baphume bakhekile abesifazane kugujwa usuku lwe-Women’s Day kuMasipala wesiFunda uMzinyathi

Imeya yesiFunda uMzinyathi Ald Petros Ngubane ukhumbuze abesifazane ngokubaluleka kwabo esizweni.

Lo mgubho wosuku lwabesifazane ubuhlelwe uMasipala wesiFunda uMzinyathi ngokubambisa nenhlangano engenzi nzuzo evikela ubukhosi bakaZulu eyaziwa ngeNdonsa yesizwe.
UNdlunkulu wesizwe uNtokozo uKaMayisela Zulu obeyisikhulumi sosuku kulo mgubho utshele abantu besifazane ukuthi bayeke ukudonsela phansi ngokukhulumana kabi kodwa bafukulane ngezinto ezizobathuthukisa.
“Singabantu besifazane masiyeke ukwahlulelana nokupendana ngezinto ezimbi. Sonke njengoba sifake ama-make up kunezinto ezinzima esizithwele, abanye bethu baze besabe nokuxoxa ngazo ngoba siyahlulelana. Siyimbokodo sinamandla ake sizifundise ukuthandana nokubambana. Siphinde sizifundise ukuxolela uma kukhona abasonile ngoba akuxolela akusizi okonile kodwa kusiza wena,” kubeka uNdlunkulu.
Adv Zandile Mshololo wodumo lwecala likanozinti we-Orlando Pirates utshele abesifazane ngokubaluleka kwemfundo.
“Imfundo iyisikhali esizonqoba ngaso ingcindezelo singomama nokuhlukunyezwa. Imfundo iyasisiza sikwazi ukuthatha izinqumo eziphusile,” kusho u-Adv Mshololo. Uphinde weluleka abesifazane ngokubaluleka ngokukhetha uhlobo lomshado elungeke lubanike inkinga uma kwenzeka umshado uphela, ukubaluleka kwencwadi yefa(will) nokunye okuningi.
UMntwana Mukelile Zulu ukhuthaze abesifazane abasebancane ngokubaluleka kokuziphatha bazigcine. Imeya yesiFunda uMzinyathi Ald Petros Ngubane ukhumbuze abesifazane ngokubaluleka kwabo esizweni.
“Siyanithanda bantu besifazane niyasinakekela laba abahlukumeza abantu besifazane mabawuyeke lo mkhuba omubi kangaka. SiwuMasipala sigqugquzela abesifazane ukuba benze imifelandawonye bazisebenze. Ondlunkulu bamakhosi nabo bebodwa benze imifelandawonye ezothuthukisa izizwe zabo belandela ezimfundisweni zabesifazane abenza umehluko esizweni okubalwa uNdlunkulu Mthaniya, Ndlunkulu Nandi ,Ndlunkulu Magogo ,Ndlunkulu Thomolozile,Ndlunkulu Mantfombi nabanye abaningi.
USolwazi Musa Xulu weNdonsa yesizwe unxuse ukuthi kube neZulu monument kungaphezi ukuqhakambiswa kwezinto ezenziwa ngabesifazane bakaZulu ukugqugquzela nabanye besifazane ukuhamba ezinyathelweni zabo.


HAVE YOUR SAY: Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394.

Related Articles

Back to top button