DUNDEE KZN: Kululwe kwesikhasana amahora okusebenza eMnyangweni Wazesekhaya

Abantuabazobuyiselwa emakhaya yilabo abafika ngemva kuka-17:30. Wonke umuntu ofikangaphambi kuka-17:30 pm.

Kululwe kwesikhasana amahora okusebenza eMnyangweni Wazesekhaya
UNgqongqosheWezasekhaya, uDkt Aaron Motsoaledi, esitatimendeni esikhishwe kwabezindaba,umemezele ukwelulwa kwesikhashana kwamahora okusebenza kuzwelonke emnyangweniwakheAmahoraokusebenza anwetshwe ngamahora amabili nesigamu, kusukela ngo-08:00 kuya ku-17:30kusukela ngoMsombuluko, zi-13 kuZibandlela kuya kuLwesine, zingama-30kuZibandlela, ukuze kubhekwane nesidingo esikhulu semisebenzi emahhovisioMnyango Wezasekhaya. Lesi sikhathi sesandiso asibandakanyi
izimpelaviki,amaholide omphakathi, umhlaka-17 no-24 Disemba 2021.Amahhovisi ethu kanye namaPorts of Entryajwayele ukuthola isibalo esiphezulu sabantu ngesikhathi samaholidikaKhisimusi, ngenxa yokuthi yilapho abantu abaningi benesikhathi sokufunaizinsiza noma ukuhamba. Ngakho-ke ukwelulwa kwesikhashana kuhloswe ngayoukunikeza abantu isikhathi esengeziwe sokuza emahhovisi ethu nomakucutshungulwe emingceleni yethu ngendlela ephephile, kubhekwa ukuthii-Covid-19 isenathi,†kusho uNgqongqoshe uMotsoaledi.UNgqongqosheuMotsoaledi ugqugquzele labo abafake izicelo zomazisi emasontweni angaphezukwamabili edlule ukuthi beze bazolanda amaphepha emahhovisi abafake kuwoizicelo.E
inyangeniezimbili ezedlule,uMnyango ukhiphe izitifiketi zokuzalwa ezingafinyeziweezingu-206 254, wacubungula izicelo zomazisi abangu-187 813, wabhalisa izinganezokuzalwa ezingu-129 324, wakhipha nezitifiketi zokushona ezingu-116 049.Leziyizinsizakalo ebezidingeka kakhulu phakathi nezinyanga ezimbili ezedlule.UMnyango uzohlinzeka ngazo zonke izinsiza zoMnyango Wezasekhaya ngalesisikhathi esinwetshiwe. Abantuabazobuyiselwa emakhaya yilabo abafika ngemva kuka-17:30. Wonke umuntu ofikangaphambi kuka-17:30 kufanele anikezwe futhi angajiki.MenenjayeHhovisi leNdawo eMnyangweni wezaseKhaya eDundee uMbongiseni Mhlongo uthe: “Sizophindesisebenze ngaphansi kwamahora anwetshiwe kusukela ngo-8 ekuseni kuze kube u-6ntambama ngaphandle kukaDisemba 17, 24, no-31”.


HAVE YOUR SAY: Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394

Exit mobile version