Dundee CourierNews

DUNDEE KZN: Umkhandlu Endumeni uxhasa abalimi abasafufusa

Umkhandlu Endumeni unikele ngezinsiza kusebenza kubalimi abasafufusa. Labalimi banengadi esemgaqweni uTandy. Kuhlomule imifelandawonye (co-ops) emine (4) kuloluhlelo. “Loluhlelo luhlose ukusekela nokugqugquzela abantu abasha ukuthi bangene kwezolimo ukuze bakwazi ukuxosha ikati eziko ngoba abantu abaningi belahlekelwe imisebenzi ngenxa yeCovid” kubeka uSodolobha uMdluli. “Siyanxusa ukuthi abantu abasha basukume basebenzise izandla zabo, bangalindi ukuqashwa bonke. Siyabonga kuMkhandlu wasEndumeni …

Umkhandlu Endumeni unikele ngezinsiza kusebenza kubalimi abasafufusa.

Labalimi banengadi esemgaqweni uTandy. Kuhlomule imifelandawonye (co-ops) emine (4) kuloluhlelo.

“Loluhlelo luhlose ukusekela nokugqugquzela abantu abasha ukuthi bangene kwezolimo ukuze bakwazi ukuxosha ikati eziko ngoba abantu abaningi belahlekelwe imisebenzi ngenxa yeCovid” kubeka uSodolobha uMdluli.

“Siyanxusa ukuthi abantu abasha basukume basebenzise izandla zabo, bangalindi ukuqashwa bonke.

Siyabonga kuMkhandlu wasEndumeni ngokusixhasa ngamathuluzi” kubonga uMama Mthembu ongumlimi osafufusa.


 
HAVE YOUR SAY: Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.

Related Articles

Back to top button