DUNDEE: Kuzovezwa umlando ngezibongo zakwa Mndaweni no Motaung

A gathering of the Motaungs will be a historical event

Osebuholini besizwe i-BaTaung Rekopane Traditional Authority, u- Tebuho Mndaweni uthe, “lomlando muhle ngoba ukucacisa ngokusobala ukuthi lezibongo kumele zingahlali ngokuhlukana”.

Yingakho kulomhlangano behlongoza ukuthi abantu mabawuhlabe bawulawule kusekela noma kuphi lapho bekhona umhlaba wonke.

“Izibongo ezifana noMndaweni zashintsha ngoba phela abakwaZulu babengakwazi ukubiza uMotaung, kafushane iSilo uShaka sacela kaMotaung ukaba asiphe indodana yakhe uHlalele owaye hola ibutho lenkosi elalinamandla elasungulwa ngaye uSuthu. “Esinye isizathu ubona oMotaung kwa-Zulu, njengoba ubona no Mndaweni, Ndaweni, Mndawe kanye no Tau bazinze endaweni yakwaCeza esifundeni sase-Zululand ngenxa yomlando ongenhla.

Okuyilapho uMotaung wafikela khona kubandakanyeka nendawo yaseNquthu”, usho uMndaweni.

Uphethe ngokuthi lomhlangano omkhulu uzobanjelwa eNquthu endaweni yaseHlathidam, futhi kucelwa ukuthi abantu bavunule ngokwesintu sabeSotho kanye nesamaZulu kulabo asebejwayele sona. Ngemininingwane egcwele bangaxhumana no Bokang L’Luka Motaung kulenombolo: 078-718-1827 noma uTebuho Mndaweni kulenombolo: 065-985-9088/ 081-364-0025/ 079-350-4818.


HAVE YOUR SAY: Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za. Add us on WhatsApp 071 277 1394.

Exit mobile version