Local newsNews

Vryheid KZN – UKhongolose ukhala ngepolitiki yamanzi kwaMnyathi

"Umphakathi uyahlala amasonto kwesinye isikhathi uhlale izinyanga ulindele ukulethelwa amanzi kodwa engafiki" - Ntombela.

Umphakathi waku Ward 5, ikakhulukazi kwa Samyela, Zinyambe kanye nakwamaJuba ukhala ngokuthi izimoto eziletha amanzi kulendawo yakwaMnyathi zisetshenziswa osopolitiki.
Baveze ukuthi lezimoto eziletha amanzi zihamba amalunga eNkatha efake imifaniswano yeqembu. Umphakathi ubeke ukuthi uwuyithandi indlela amanzi asetshenziswa ngayo ukupolitika.
IKhansela lendawo, uMdititi Ntombela uthe iNkatha yenza iphutha ukusebenzisa amanzi ngalendlela.
“Uma abashayeli bengenalo ulwazi ngezindawo okumele bafakele kuzo amanzi, kungani bengathinti mina njengekhansela lendawo okanye bathinte amakomidi ewadi? Umkhandlu iZululand unayo imininingwane yamakomidi ewadi, ngabanikeza mina mathupha, ngakho angeke bathi abanayo imininingwane abangayinika abashayeli bezimoto zamanzi”, kuchaza uNtombela.
Uphinde waveza ukuthi ukuqashwa komphakathi ngomsebenzi wesikhashana ongaphansi kohlelo lwe EPWP alusetshenziswa ngendlela.

Also read: ZDM terminates water tanker contract in Pongola

“Ngokomthetho kumele kusetshenziswe iwar-room uma kuzoqashwa abantu abazosebenza ku EPWP kodwa loluhlelo alusenzeki ngendlela ngoba seluphethwe uSihlalo weNkatha khona lapha kuWadi 5. Ngisho nalo loluhlelo lokulethwa kwamanzi emphakathini, aluhambi ngendlela njengoba umphakathi ungazi izimoto zifika nini, kuphi, ngasiphi isikhathi.
“Ngisho name ngiwukhansela angikwazi lokho.
“Umphakathi uyahlala amasonto kwesinye isikhathi uhlale izinyanga ulindele ukulethelwa amanzi kodwa engafiki.
“Ngesikhathi kuqala lesisifo sokhuvethe, umkhandlu iZululand wasilethela izimoto ezizofakela amanzi ku Ward 5 no 6 kodwa okuthe emuva kwesikhathi abashayeli balezimoto basitshela ukuthi batshelwe ukuthi bengabe besawafakela amanzi ezindaweni eziphethwe uKhongolose. Kwenzeka kanjani ukuthi kufakwe ipolitiki entweni abucayi kangaka, ethinta izimpilo zabantu? Ngisho uhlelo olwalethwa yiwo umkhandlu lokugujwa kwemigodi yamanzi (borehole) kodwa izimpompi zakhona akaze zikhiphe amanzi kuze kube imanje, sekuphele iminyaka emithathu”, kuchaza uNtombela.
Uphinde wagxeka umkandlu iZululand ngokuthi, “Baphazamisa uhlelo olalulethwe uMhlathuze lapho babelekelela futhi befundisa umphakathi ngokugcinwa kweziphethu. Lolohlelo lwaluzowusiza kakhulu umphakathi njengoba siyindawo eswele amanzi ngalendlela kodwa iZululand yaluphazamisa loluhlelo, yingakho namanje sisasenenkinga yamanzi”.
USodolobha womkhandlu iZululand, uMeya Thulasizwe Buthelezi uthe basazophenya ngalezinsolo ukuze bakwazi ukunikeza izimpendulo kuleliphephandaba.

The water that Mnyathi community is subjected to consume when the water tankers do not arrive to supply water.

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

Related Articles

Back to top button