communityNews

Vryheid KZN – Bekubongwa osesebenze iminyaka engama 23 Ondini

Kutuswe kakhulu amagalelo akhe nangendlela abesebenza ngayo ngokuzikhandla ekuqinisekiseni ukuthi umasipala uya phambili.

Umasipala wasoLundi ubungaze impilo yesisebenzi sawo esithathe umhlalaphansi emuva kokusebenzela umkhandlu iminyaka engama 23.
UNkz uNombuso Khumalo obesebenza emnyangweni wakwaNdabazabantu kumasipala wasoLundi eyi Human Resource Officer uthathe umhlalaphansi njengoba bekuwusuku lwakhe lokugcina esebenzela umkhandlu mhla zingama 31 kuNcwaba.
Kutuswe kakhulu amagalelo akhe nangendlela abesebenza ngayo ngokuzikhandla ekuqinisekiseni ukuthi umasipala uya phambili. Ubethathwa njengomlungisi nomxazululi wezimo uma kukhona la kumele kulungiswe khona. Uchazwe njengomuntu obethanda kuhlale kunokuthula nokubambisana kanye nobunye.
Umama uKhumalo waqala ukusebenzela uhulumeni ngesikhathi sango 1993 esayitoho kumnyango wezasekhaya, owawaziwa ngokuthi i Department of Interia .
Ngesikhathi kuqala ohulumeni bezasekhaya wabe esejoyina umasipala, kodwa ngalesosikhathi omasipali babaziwa ngokuthi ama Transitional Local Council. Ngokuqhubeka kwesikhathi ube eseqashwa kumkhandlu wasoLundi kuze kwafika lesikhathi sokuthi athathe impesheni.

Also read: Ulundi Municipality tests its employees for Covid-19

IMeya kaMasipala wasoLundi uMnu uWilson Ntshangase udlulise amazwi okubongela umama uKhumalo ngokufikelwa yilelithuba loluthatha umhlalaphansi esasewumqemane.
“Kuyisibusiso esivela kuMdali ukuthi akubusise ngalendlela yokuthi akugcine kuze kufike isikhathi sokuthi uthathe umhlalaphansi uyophumula nabazukulu ekhaya. Leli yithuba elingandele bani. Siyakuthokozisa kakhulu ukuthi sesifikile nakuwe isikhathi, usuzokwazi ukuyophumula ngasekhaya uthokozele ukuhlala nomndeni wakho.
Kuningi okuhle okwenzele umasipala wasoLundi, egameni lethu njengamakhansela sikufisela okuhle kodwa uNkulunkulu akugcine kanye nomndeni wakho”, kusho uNtshangase.
Imenenja kaMasipala wasoLundi uMnu uNkosenye Zulu uchaze umama uKhumalo njengomuntu obewuthanda umsebenzi wakhe futhi angakaze athole nowodwa umbiko omubi ngaye.
“Nginxusa ukuthi abasebenzi bethu basike uphawu kuye, bafunde baphinde bahambe ezinyathelweni zakhe. Egameni likamasipala wasoLundi nabasebenzi bonke sithi imisebenzi yakhe emihle siyayazi futhi sizohlale siyikhumbula ngaye kuningi okuhle asenzele khona nasicathulise kukho kwazise mina ngimfice ekhona emkhandlwini ngonyaka ka 2000. Sisebenze kahle naye akaze ngithole nowodwa umbiko omubi ngaye, simfisela okuhle kodwa azifisela khona yena kanye nomndeni wakhe”, kuchaza uZulu.
Umama uNombuso Khumalo ezibongela uthe ubonga uNkulunkulu ngakho konke amenzele khona, “Ngilapha engikhona kungenxa yamandla akhe, ngabe angikho lapha ukube yena akavumanga. Ngisebenze kahle kakhulu kumasipala wasoLundi bese kufana nokuthi kusekhaya. Ngibonga bonke abaphathi bami, abasebenzi ebengiyibambe nabo nawo wonke umkhakha wakwa Corporate Services ngokusebenzisana okuhle”.

Nombuso Khumalo receives gifts from Mayor Wilson Ntshangase.

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

Related Articles

Back to top button