Local newsNews

Umculi wezenkolo welule isandla emphakathini

Intsha yelule isandla ukulekelela abaswele eLakeside kulesikhathi se Lockdown.

UMlu Lambiso owaziwa ngokuba ngumculi we Gospel ophinde awele ngoku siza intsha ngokwamakhono ahlukene eLakeside ubonga osoma business bezitolo athe acela kubo nethimba lakhe asebenza nalo nokubalwa intsha.
Babone kunzima emphakathini waku Ward 22 eLakeside ngoba kuhlasele isifo ukhuvethe njengoba kunabantu abahluphekile ebebeziphilisa ngezindlela ezahlukene ngoba kuvalwe kwasani, kunganyakazeki, kungekho la abantu abanye abangathola khona okuya ngasethunjini.

Also read: Kubulawa amagciwane erenke yasoLundi

UMlu nethimba lakhe babone kukuhle ukuthi abathole la abangacela khona usizo bekwazi ukusiza umphakathi ukuthi leyomizi eswele ikwazi ukubamba umoya ngokuy’ethunjini kuze kube isimo sibuyela esimeni.
Bakwazile ukufeza isfiso sabo nentsha yakhe; kwathi eminye imizi engama 30 yasizakala.
“Sifisa ukubona itsha iletha uguquko emphakathini ibe lusizo ngoba idume ngobugebengu kulezinsuku kodwa thina sifuna ukubuyisa amathemba kubazali nakwenye intsha ukuth sisengaba abaholi bakusasa nathi futhi singayisa isouth Africa phambili”, kuchaza uMlu.

Mlu and his team delivering food donations to the community of Lakeside.

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

Related Articles

Check Also
Close
Back to top button