Kuvalwe izitolo oNdini

Izitolo ezivalwe thaqa kube iBuzi kanye noJwayelani ngenxa yamaphepha okusebenza ngokusemthethweni edolobheni.

Umasipala wasoLundi uphume umkhankaso wokuhambela izitolo ezithile edolobheni lasoLundi ngenhloso yokuyobheka isimo senhlanzeko kanye nokulandelwa kwemigomo ye Covid 19.
Phakathi kwezitolo ezihanjelwe uSpar, uJwayelani, iBuzi kanye no Royal. Ikomidi beliholwa uMnu uPhakathi ophethe kwa Local Economic Development kumasipala Ulundi.
Bekubhekwa isimo senhlanzeko yesitolo, ukudla ukuthi kufanelekile yini ukuthi kudayiselwe abantu, ukugcinwa kwemigomo ye Covid 19 kanye namaphepha okusebenza ngokusemthethweni.

Also read: Kubulawa amagciwane erenke yasoLundi

Izitolo ezivalwe thaqa kube iBuzi kanye noJwayelani ngenxa yamaphepha okusebenza ngokusemthethweni edolobheni. Ngokubonakele eJwayelani isimo besingesihle kahle, izinga lenhlanzeko beliphansi kakhulu, okunye kokudla okudayisayo okunye kwakho bekungalungele ukudayiselwa abantu. Ithimba linqume ukuthi lezi zitolo zombili zivalwe kuze kulungiswe lezizimo ezingezinhle ezitholakele.
Loluhlelo beluqhutshwa umasipala; inhloso ukulwa nokungcola edolobheni kanye nokuphepha komphakathi wasoLundi othenga kulelidolobha.
Imeneja kamasipala wasoLundi uMnu uNkosenye Zulu ephawula ngaloludaba uthe, “Ngeke umasipala ukubezekele ukungahlonishwa kwemigomo yelayisense uMasipala ayinike izitolo ukuthi zihwebe. Sexwayisa zonke izitolo oNdini ukuthi asiqedile ngomkhankaso wethu sisaqhubeka. Sihlaba ikhwelo kubo bonke abahwebi ukuthi bahloniphe umthetho. Kulezozitolo ezisavaliwe ngenxa yomyalelo kaHulumeni, siyayiqonda ingcindezi yezomnotho kepha sethemba ukuthi osomabhizinisi bayakuqonda ukubaluleka kokuvikela izwe lakithi kulolubhubhane lwe Covid 19”.
UZulu uphinde wathi, “Sethemba ukuthi ngokubambisana konke kuzobuyela esimeni esijwayelekile. Ngihlaba ikhwelo nasemiphakathini ehambela amadalobha asoNdini ukuthi isimo sezinga eliphansi lokhuvethe endaweni yakithi asilekelele ngokuthi sinikele ngokuhlonipha umthetho, nanokuthi umuntu eze edolobheni uma kusemqoka ukwenza lokho. Uma umuntu esesedolobheni aqikelele ukuthi akahlali ubuyela ekhaya ngokushesha, afake isamfonyo ngaso sonke isikhathi, aqikelele ukungasondelani nabanye abantu bese ehlonipha imithetho ebekwe yizitolo zethu.”

Ullundi Municipality officials checking compliance in one of the shops in Ulundi Plaza.

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.
Exit mobile version