Local newsNews

Ekugcineni ugogo uzoba nophahla

"Njengamanje ngihlala kwamakhelwane izingane nazo zihlala emizini yabantu ehlukene lapha endaweni."

Lolo Madonsela

Umasipala wasoLundi usukumele phezulu udaba lukaGogo u – Emmelina Buthelezi Hadebe ovele kumabonakude ekhala ngokuwelwa umuzi wakhe ngesiphepho sango Disemba mhlaka 23 wonyaka ophelile.
UMeya uMnu uWilson Ntshangase ehambisana nemeneja kaMasipala uMnu uNkosenye Zulu nekhansela lewadi uMnu Lindo Yaka bavakashele lomndeni ngenhloso yokuthola kabanzi ngalesi simo esenzeka. Umkhandlu ufike wazibophezela ukuthi uzoqala ukwakha umuzi kaGogo uMaHadebe ozaba yindlu engamagumbi amathathu okulala, ikhishi, elokuhlala kanye nelokugezela waphinde wanikela ngokudla.
Lomuzi wakwa Hadebe unezingane eziyisikhombisa kanye nogogo. Isimo sikagogo naye asisihle kahle njengoba ephila nesifo samathambo. Imeya ibe isiphinda inikela nge wheelchair.

Also read: UMeya wasoLundi uvakashele eBabanango

Echaza uGogo u Hadebe ngokwenzeka uthe kwasuka isishingishane kwaduma izulu base bengena ezindlini. “Lento yaqhamuka engathi yifu elimnyama kwasuka uphahla lwezindlu zontathu lwasaphazeka indawo yonke. Ngathi uma ngithi izingane aziphume siye kwenye indlu zathi zonke izindlu ziphephukile yilapho engabona khona ukuthi sengilele phandle. Njengamanje ngihlala kwamakhelwane izingane nazo zihlala emizini yabantu ehlukene lapha endaweni.”
UMeya uNtshangase uzwakalise amazwi okuzwelana nomndeni wakwa Hadebe nalapho eqinisekise ukuthi umkhandlu uzoyakha indlu kaGogo.
“I-Wheelchair ngizothumela ukhansela ayilethe bengingazanga ukuthi ugogo akakhoni ukuzihambela. Indlu izokwakhiwa umkhandlu kusuka phansi ize iyophela. Njengoba nomakhi kungowendawo kusasa simxuse ukuba asibhalele konke okokwakha okuzodingeka kuthengwe kulethwe. Ithangwe lamanzi likhona lizolethwa nalo ukuze ligcine amanzi okwakha ahlale ekhona. Uma kunezimo ezifana nalezi zezinhlekelele siyaye sibhalele umnyango eqondene ukuze kube khona okwenzekayo. Kulesi simo sizokwenza thina lokhu njengomasipala ukuze ugogo aqoqe umndeni wakhe isimo sibuyele esimweni esijwayelekile”, kuchaza uNtshangase.
I Menenja kamasipala uMnu uZulu uqinisekisile ukuthi lendlu izokwakhiwa ngokukhulu ukushesha.
“Sizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi lendlu iyakhiwa ngokukhulu ukushesha. Izoba namagumbi amathathu okulala, elokuohekela, elokuhlala kanye nelokugezela. Konke lokhu kuzokwenzeka kusukela kusasa njengoba namhlanje sifike sabanikeza ukudla ukuba bapheke nokuyinto ebesingaqali ukuyenza kusukela kwenzeka lesi sigameko”, kusho uZulu.

Gogo Emmelina Buthelezi Hadebe sits in front of what used to be one of her many rooms.

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.

Related Articles

Back to top button