Bakhononda ngemigwaqo eyizindonga eSasko

"Uma linile nje akuhambeki nhlobo, izimoto azikwazi ukuphuma noma ukungena ngendlela isimo semigwaqo singakhona".

Lolo Madonsela

Umphakathi wase Sasko eVryheid ukhala ngesimo semigwaqo esingesihle kanye nokushoda kwamandla kagesi endaweni, unxusa umkhandlu ukuthi ungenelele ngokushesha.
Abahlali bakhale ngekhansela ukuthi alibanakile, abalutholi nosizo ngesimo abaphila phansi kwaso.
Amalungu omphakathi akhulume naleliphephanda abemanqikanqika ukuveza amagamawo ethi esabela ukuphepha kwezimpilo zawo.
Umphakathi uveze ukuthi lemigwaqo eyizindonga ayiphephile futhi ilimaza nezimoto, “Umalinile nje akuhambeki nhlobo, izimoto azikwazi ukuphuma noma ukungena ngendlela isimo semigwaqo singakhona. Nala kuwela khona izingane zethu uma ziya eskoleni eFilidi High School, izingane zivikana nezimoto ngoba akunamahampu,” kuchaza umphakathi.
Amanye amalunga omphakathi akhale ngenkinga yokungawatholi amanzi ngendlela efanele njengoba ephuma ngokuconsa.

Also read: Ungene onyakeni omusha ngobumnyama

“Ukuze ngikwazi ukugcwalisa ibhakede u25l kumele ngicononozela kusukela ngo 6:00 ekuseni, liyoze ligcwale ntambama ngabo 3;00 noma kwesinye isikhathi ligcwale ngabo 6:00 bantambama. Lokhu kuyangihlukumeza kakhulu njengoba ngiwumuntu ophila ngokukhubazeka,” kuchaza elinye ilunga lomphakathi, uMasesi Khumalo.

IKhansela la kulendawo, uMagda Viktor obuya kuqembu le DA, ukuvezile ukuthi uyazazi izinkinga iSasko ebhekene nazo, wachaza nokuthi uzama konke okusemandleni akhe ukulungisa izinkinga ezibhekene nalomphakathi.
Uvumelene nomphakathi ngezinkinga zomgwaqo kanye nogesi, wachaza ukuthi ezinye zalezinkinga zifaka ukwakhiwa kwezindlu endaweni elixhaphozi lokho okungabanga ubungozi ezimpilweni zabantu. Kanye nokuchitheka kwendle, eyehlela ezindlini zabantu.
“Sikhuluma nje, udaba lwaseSasko ngimatasatasa ngalo. Ngize ngabhalela nabakwa Environmental Affairs kulo lelisonto ngesimo sakulendawo.Ngike ngacela kumaspala ukuthi kuthunyelwe imishini ezokwazi ukuthi ihwaye umgwaqo ukuze abantu bakwazi ukuyisebenzisa, kodwa ngatshelwa ukuthi azikho izinsiza. Ngendlela lemigwaqo emibi ngakhona akuhambeki ngisho nangemoto ephakeme,” kuchaza ukhansela Viktor.
Ukuqinisekisile ukuthi akazithelile ngabandayo ekutheni umphakathi wase Sasko ugcine usizakele, wakuphikisa ukuthi akabanakile abahlali.
“Kuze kube inamuhla kunemizi engenawo ugesi, eminye yalemizi uma lina kugcwala amanzi phakathi endlini, lokho kukhombisa ukuthi akwakhiwanga endaweni efanele. Kodwa ngizobe ngilokhu ngiqhubekile ngizama ukuthola usizo kumkhandlu ukuze isukumeleke phezulu lendaba yase Sasko. Engifuna ukukubona ukuthi umphakathi uthole izinsiza eziwufanele, ngendlela efanele; yingakho ngilokhu ngilwa indaba yase Sasko futhi angiqali manje ukuyilwa, baze bangibize ngescefe kodwa ngizolwa kuze kulunge,” kuchaza ukhansela Viktor.

Many homes are almost inaccessible by vehicles due to bad roads.

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

Exit mobile version