Local newsNews

Zimkhalele olobole ngezokwebiwa

Insizwa yaseShowe yazishaya zaphelela ekhweni kanti zetshiwe kwelabaQulusi.

Sezihlabene ezikhokhelwa umqondisi ibutho lezinyosi.
Insizwa yaseShowe yazishaya zaphelela ekhweni kanti zetshiwe kwelabaQulusi.
Zahogela izinyosi zabhadanywa ekhweni kwadingeka ingoduso iyokhomba lapho kuhlala khona umkhwenyana ehostela kwaMashu, kwa A.
Zacela imvume yokuyogasela khona; zaphuma naye umkhwenyana ngoLwesithathu kusihlwa; ese fake amasongo kasigonyela zamkhalela kwazise ayilali is ikhonjiwe.

Also read: Stock theft suspects taken into custody

Nomfowabo owathengiselwa ezimbili wenzelwa incwadi uyafakaza zonke zizoshaqwa nasekhweni imbala zibuyele lapho ezahuqulwa khona kwelAbaQulusi.
Asazike omame abalilizela zingena, uma seziphuma bazokwenzenjani.
Bopha Stock Theft Task Team kuyozwakala.
Okulumela amaphoyisa, uKapteni Nkocy Gwala ukuqinisekisile ukuthi umkhwenya wavela phambi kwmantshi ngoLwesihlanu olwedlule, wanqatshelwa ibheyili ngenxa yokuthi kusenamanye amacala asolokala ngathi uyathinteka kuwo.

 

Arrests of stock thieves increases.

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.

Related Articles

Back to top button