Local newsNews

Abafundele ukuqeqeshwa komsebenzi bakhale ngokungaholi

Ngokusho komunye wabafundi bakhala ngokuxhashazwa uMnyango Wezenvelo kanye noMasipala wendawo.

Bakhala ngokungaholi laba kade befundela ukuqeqeshwa ngokomsebenzi wezandla.

Abafundi abawu 75 bebefundela umsebenzi ngaphansi kosihlalo wenstha Endumeni Municipality, bebefundela eMajuba Training Centre kusukela kunyako ophelile. Ngokusho komunye wabafundi bakhala ngokuxhashazwa uMnyango Wezenvelo kanye noMasipala wendawo.

USandile Zulu uchaze wathi: “Sathenjiswa ukukhokhelwa istipend njalo ngenyanga kuze kuphele izinyanga ezintathu, kodwa akuzange kubenjalo asikaze siyithole leyomali njengesithembiso ebesikwi kontileka. Kunalokho abaphathi basibizile basinika amabhuzu okuphepha kanye nomakalabha, kodwa lutho imali nomake izitifiketi zethu kuze siqale sibheke umsebenzi.”

UMnz Bongumusa Mhlungu ongu Mxhumanisi Wentsha kuMasipala wase Ndumeni uphawule wathi: “Yebo kubile nezinqinamba ekuholeleni abafundi kodwa bezivela ohlangothini loMnyango, umqashi ovela eMnyangweni Wezenvelo uyena obemele akhokhele abafundi. Bonke abafundi bagcine beyitholile imali yabo.”

ALSO READ: Umbukiso womsebenzi wezandla eNquthu ube impumelelo


HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394.

Related Articles

Check Also
Close
Back to top button