Local newsNews

Umasipala weSifunda uthenge amaloli amanzi awu-20 abiza uR39-million

Lezithuthi zamaloli amanzi eziwu-20 ezidle imali engango R39-million.

USodolobha wase Mzinyathi Umnz Petros Ngubane uthule ngokusemthethweni amaloli amathangi amanzi angu-20 ngenyanga edlule eGreytown.

Lomncimbi ubuhanjelwe izikhulu njengo Mnz Mangosuthu Buthelezi, iNkosi yesizwe sakwa Buthelezi, uNdunankulu wesizwe sama Zulu, abantwana baseNdlunkulu kanye nabanye abaholi leqembu le-Nkatha Freedom Party (IFP).

USodolobha uMnz Ngubane ukhumbuze abahambeli balomncimbi ukuthi:

“Ngenkathi sigcotshwa ngathembisa ukuthi kunezinto ezimqoka esizozibheka njengo mkhandlu omusha, enye yalezo zinto ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu abakhele ngaphansi koMzinyathi bayawathola amanzi ahlanzekile futhi bawathola ngendlela efanele nehloniphekile.”

The 20 water tank trucks bought by Umzinyathi Municipality, at an approximate cost of R39-million.

Namhlanje sizothula lezithuthi zamanzi eziwu-20 ezidle imali engango R39-million. Siyaziqhenya ngalezithuthi, siyajabula futhi ukuthi ukubakhona kwazo kuzovula amathuba emisebenzi kubantu asebeqashiwe njengabashayeli. Konke lokhu imizamo yethu yokubhekelela yonke imiphakathi yethu.

Ukuze uthole indaba egcwele funda iphephandaba lanamuhla.

ALSO READ: Umzinyathi team dispatched to repair huge water leak in Craigieburn


HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394.

 

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.

Related Articles

Back to top button