Umndeni wakwa Miya ulungiselelwe umuzi ngosuku luka Mandela

Umndeni wakwa Miya awulungiselwanga umuzi njekuphela kodwa bathole nezimphahla zokulala, amakhethinisi kanye nebhede ephuma eDundee Hospital.

Isibhedlela iDundee Hospital yabungaza iMandela Day ngokusiza umndeni wakwa Miya eSibongile, ngokuvuselela indlu yabo yomxhaso ebikade isiwelwe inxenya yodonga.

Ngokusho kuka mhlengikazi uNkszn Sithole yena nethimba lakhe bajwayele ukuvakashela lomndeni onelingu lawo eligula ngokwenqondo.

“Ngiyafika njalo ngenyanga ngizojova uMalibongwe Miya ogula ngokwenqondo. Kuke kwafika isikhathi lapho eyebambeke khona waziqubuza edongweni laze lawa. Nhlanhla leyo akazange elimale.”

Lendlu ehlala umndeni wakwa Miya yakhiwa eminyakeni eyamashumi adlule, ngalokhoke uMnyango wakwa Human Settlement awuzilungizi izindlu ezakhiwa eminyakeni eyamashumi nengaphezulu.

Umhlengikazi Sithole wathola uxhaso kosomabhizinisi bendawo abalandelayo: Sandile Buthelezi (20 Lifestyle), Khans Concrete, Talbrick Block Yard, Sizabantu Hardware kanye ne Dundee Talbrick. Labosomabhizinisi banikele ngopende, usimende nezitini zokwakha.

Umama ka Malibongwe uThokozile Miya ubejabule kakhulu ukubona ikhaya balo selilungisiwe, kwazize phela ukuthi besebenethwa izimbula kungena nomoya endlini yabo.

Uphawule wathi: “Ngibonga kakhulu ngoxhaso esilitholile, umntwana wami usegule iminyaka eyishumi nantathu, sibonga kakhulu.”

UMnz Sandile Buthelezi umphathi we-20 Lifesytle uphawule wathi: “Uma sithola umsebenzi onjengalona noma ngabe mukhulu kangakanani siyazama ukuxhasa la esingasiza khona. Konke lokhu ukuqhuba kwenqubo esizama ngayo ukusiza abahlwempu emphakathini esihlala kuwo.”

Sibonga umhlengikazi uSithole kanye no Jabu ngokusikhombisa lomndeni nokuthathela udaba balo phezulu.”
Umndeni wakwa Miya awulungiselwanga umuzi njekuphela kodwa bathole nezimphahla zokulala, amakhethinisi kanye nebhede ephuma eDundee Hospital.

Abahlengikazi base Dundee Hospital kanye namalunga wekomide lase Ex18 eSibongile.

Above: This is how the Miya house looks after the renovations, including a new coat of paint. Right: Malibongwe Miya, who is mentally challenged, knocked down the wall some time ago but was fortunately not injured.

Malibongwe Miya, who is mentally challenged, knocked down the wall some time ago but was fortunately not injured.

ALSO READ: Enyanyeni Combined School put their best feet forward on Mandela Day


 

HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.
Exit mobile version