Local newsNews

Kucija abafundi ngemikhaka yemsebenzi eNomdumo High

Kunxuswe kakhulu kubafundi bakamatikuletsheni ukuthi bafake izicelo zokufunda ungakashayi uJune zika NSFAS.

Isasasa elikhulu esikole sase Nomdumo High School, kumabanga aphezulu sicija abantwana bakule sisikole ngezinhlobo zemikhakha eyahlukene. Abafundi batselwe ngezinsiza kufunda abangazibandakanya kuzo ukuthuthukisa izimpilo zabo, umabeqeda umatikuletsheni.
Lo mhlangano obuyindumezulu futhi ufundise kabanzi ngamakhono kanye nokuziphatha kwabantwana ukuze baphumelele kusasa ububanjelwe emagcekeni esikole mhlaka 3 May.

Phakathi kwezikhungo ezeziyingxenye yalombungazwe, bekukhona isikhungo Majuba TVET College (Newcastle), Mthashana College kanye nabasebenzi bakaHulumeni abahlukenebavela emikhakheni eyahlukene (GCIS, DSD Nquthu, DEDTEA).

Bekuzogqugquzela abafundi ukuthi yikuphi abangakuzuza umabelandela amakhono ahlukene empilo. Ngokusho kuka Mnuz Musa Ntombela, owusonhlalakahle, osebenzela uDepartment of Social Development eNquthu, ungomunye ongumgqugquzeli wezemfundo nowafunda kusolesisikole. UMusa uchaze lolusuku njengosuku olube yimpumelelo ukugqugquzela abafundi ukuthi baqhubekele phambili nemfundo futhi bazi ukuthi imfundo “isikhiye sempilo yabo”.

Abafundi batshelwe kabanzi ngosizo lokufunda uNSFAS kanye ne-X-buss okuwuxhaso lwemali elitholwa abafundi ukuthi babhalise kuma TVET nokuthi ibasize nyanga zonke, lena imali engango R1 800. Lemali itholakala ezikhungweni zemfundo ephakeme kwazise iningi labafundi lisuka emakhaya, lapho kungasebenzi muntu.

uMnyango wakwa GCIS oholwa uThandinkosi Zulu ugqugquzele kakhulu abafundi ukuthi baqela kuseyi manje ukufaka izicelo zokufunda emanyuvesi ahlukene ukuze bathole izikhala. “Siyanxusa kakhulu kubafundi, bakamatikuletsheni ukuthi fakani izicelo zokufunda ungakashayi uJune kwazise ziyagcwala izikhungo eziphakemeze zemfundo futhi uhleloloku funda (NSFAS) luyavalango ngo-November, kuhle niqale manje ukufaka izicelo zokusizwa ngemali yokufunda” kuchaza uThandinkosi Zulu.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.

Related Articles

Back to top button