Local newsNews

Ukhungathekile umndeni wowesifazane oshele emkhukhwini

Usashaqekile umndeni wowesifazane oshele emkhukwini ngoMgqibelo ebusuku.

Lo mndeni uzwakalise ukudumala okukhulu ngokushiywa ngumama wekhaya ngokuzuma.

Umama Zandile Radebe (65), ushe ngoMgqibelo ebusuku wabe esephuthunyiswa esibhedlela nalapho ashonele khona ngemuva kokulaliswa izinsukwana.

Ikhansela laku-ward 19, uSimphiwe Miya uvakashele loya mndeni ukuyobhonga emswaneni ngemuva kokuzwa ngesehlakalo esishaqisayo esiwehlele.

Ekufikeni kwakhe kuloya muzi ufice indodakazi kamufi ihleli nabanye abantu besifazane ababili.

Indodakazi itshele ikhansela ukuthi unina ulahlekelwa yimpilo yakhe nje wayecelwe yindodana yakhe ukuthi ayogada izimpahla zayo endlini ngoba yona yayingena ebusuku emsebenzini.

“Umama ubejwayele ukulala endlini kamfowethu uma yena esebenza ebusuku,” kulanda indodakazi.

Ikhansela lihtembise ukuphosa ithse esiviovaneni ukuqinisekisa ukuthi ugogo uyangcwabeka futhi ngendlela enesizotha.

“Angisho ukuthi angithembisi ukuthi ngizomngcwaba mina ugogo kodwa ngizoletha izinto ezithile ezifana nokudla ukusiza. Umeya waseMajuba uthe ngimbikele ngesimo engisifice lapha ekhaya, ngiyethemba naye kukhona azosiza ngakho,” kubeka uKhansela Miya.

Okhulumela amaphoyisa aseMadadeni, uConstable Nonjabulo Langa, akazange asiqinisekise kumbe asiphikise lesi sigameko kodwa  ucele ukuthi athunyelelwe imibuzo ukuze ezophendula ngendlela efanele.

Umndeni uzwakalise ukuthi usazohlangana uvumelane ngosuku azobekwa ngalo endaweni yakhe yokugcina uNksz Radebe. Ushiye emhlabeni amadodana amabili, indodakazi kanye nabazukulu.

ALSO READ: Newcastle Mayor arrested on murder charges


The Amajuba Eyethu is the Newcastle Advertiser’s sister newspaper – sold in Newcastle, Madadeni and surrounds every Thursday.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.

Related Articles

Back to top button