communityLocal newsNews

Usuku Lwenkululeko lubungazwe ngemincintiswane eSibongile

Intsha yase- Sibongile ibonise amathalente edlala imidlalo yebholo ngo- Suku Lwempumelelo.

UMnumzane Sanele Buthelezi wenhlangano i-Golden Palm uthanda ukudlulisa okukhulu ukubonga entsheni yaku Wadi 2 nasentsheni ephuma kwamanye ama-Wadi ngokuza ngobuningi babo ukuzobamba iqhaza emidlalweni eyayihlelwe uyena.

Lolusuku lwaba yimpumelelo noma izulu lase linetha kodwa bayibamba kunjalo.Uphawule wathi: “Ngidlulisa okukhulu ukubonga kuNksz Busi Zungu wakwa DSD kanye nethimba asebenza nalo. Uphinde wangonga ku Mnz Mbhense wasemaphoyiseni kanye nethimba lakhe, bese ngibonga nawo wonke umphakathi okade uyizethameli kulemidlalo okubalwa kuwo, ibhola likanobhutshuzwayo, ibhola lezinyawo lamantombazane, ibhola lomqakiswano lamantombazane bese ukuthi ekugcineni ngibonge bonke abaxhasi abafake isandla, ngingakhohlwa umhlonishwa uKhansela Mahaye”.

Sanele Buthelezi the founder of Golden Palm and the organiser of the tournament.

UMnuz Buthelezi wabe esedlulisa umlayezo oqinile entsheni mayelana nezidakamizwa nophuzo oludakayo olungabaholela ejele.


 

HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.
A
dd us on WhatsApp 071 277 1394

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.

Related Articles

Back to top button