communityLocal newsNews

Bakhala ngokukhokhela ugesi abasebenzi base Dundee Community Garden

. Izithombo kanye nosizo lagandaganda luyadingeka, ukuze bezokwazi ukuthi ugandaganda ubalimele Okwamanje bayazithengela izithombo baphinde futhi bazilimele ngezandla.

Abalimi base Dundee Community Garden bakhala ngokungabi namandla okuthenga ugesi ukuze bakwazi ukuba namazi, njengoba besebenzisa iphampu likagesi ukuthi bathole amanzi.
Bafisa ukudlulisa kosoma-bhizinisi ukuthi babaxhase kakhulukazi mase kufika kugesi ngoba abakwazi ukusthala izithelo uma amanzi engekho. Izithombo kanye nosizo lagandaganda luyadingeka, ukuze bezokwazi ukuthi ugandaganda ubalimele
Okwamanje bayazithengela izithombo baphinde futhi bazilimele ngezandla. UNksz Phumzile Mthembu uchaze wathi:

“Sinezinkinga eziningi lapha kodwa ehamba phambile eyamanzi ngoba ngaphandle kwawo asikwazi ukwenza lutho, asinawo amanzi kulendawo, siwathola ngokuthi sithenge ugesi kuze iphampu yamanzi izokwazi ukusebenza. Njengoba ugesi ubiza nakangaka nje siyahluleka ukuthenga owanele njengoba sizithengela thina sizihlanganisela njengaba sebenzi”.

Noma uxhaso beluthola kubathengi abasuka kude nase duzane kuyenzeka ukuthi bengakwazi ukudayisela wonke umuntu ngenxa yokuthi abakwazanga ukusthala izithombo ezanele ngenxa yenkinga yamanzi. Abalimi balendawo bakhala kakhulu futhi ngokuthi abanawo amandla okulima ibala lonke ngoba basebenza bayisithupha nje kuphela. Badinga noma ugandaganda ozokwazi ukulima ibala lonke Ukuze bekwazi ukutshala izithelo eziningi. Abasebenzi baphinde futhi bakhala ngokuthi noma ngesinye isikhathi beluthola uxhasa kuMnyango WeZolimo ngezithombo abakwazi ukuzisthala zonke, eziningi zigcina sezifile ngoba abanamazi anele.
UNksz Phumzile uphinde wakubeka kwacaca ukuthi abathengi banabo kakhulukazi laba abadayisa emadrobheni abadayisela imphakathi, abathengi babo basuka lapha eDundee kanye nako Ladysmith, Wasbank nase Dannhauser bezobaxhasa ngokuthenga.

UNksz Ncamisile Zondi ongumunye wabasebenza lapha yena uphawule wathi:”Abantu abasha abafuni ukusebenza lapha ngoba umangabe usebenza la ugcina usukhipha imali yakho uthenga izithombo kanye nogesi, lokho kubenza babemanqikanqika bagcine bengasasebenzi lapha”.
Indawo yona yase Dundee Community Garden engalinyiwe inkulu kakhulu, nabalimu bakhalile ngezinsiza sebenza zokulima, kanye noxhaso lukagesi. Bacele ukudlulisela kosoma-bhisinisi abaqavile ukuthi babaxhase nanga noma uliphi usizo elingabasiza ukuthi bekwazi ukusebenza kangcono kulendawo.

Above: This is one of the lovely green gardens at the Dundee Community Garden, the public is welcomed to come and buy. Inset: Phumzile Mthembu and Ncamisile Zondi who are part of six workers who plow at Dundee Community Garden face numerous problems, one of them being unable to afford to buy electricity. Which is used to pump water into this place.

 

HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394

Related Articles

Check Also
Close
Back to top button