Local newsNews

Bekuminyene utshumo kuvela isikhulu sasoThukela enkantolo

Nalapho umsolwa ebonakale khona eyoma ebhokisini ephelezelwa amaphoyisa abehlome ezingovolo

Amalungu e-African National Congress (ANC) kanye nawe-Inkatha Freedom Party (IFP), abebhekene ngeziqu zamehlo ngaphandle kwenkantolo yase-Estcourt ngemuva kokuvela kwesikhulu sikamasipala wasoThukela uMnuz Mthokozisi “Qithi” Khumalo, novele kulenkantolo ngoLwesibili olwedlule.

Ukuvela kukaKhumalo kulenkantolo kuza ngemuva kokuthweswa kwakhe icala lokubulala uZakhele Joseph Mazibuko nowayeyiPublicity Secretary yeNkatha kumasipala wasoThukela, nowadutshulwa wabulawa emgwaqeni u-R74 phakathi kwe-Estcourt neColenso ngoMandulo wanyakenye, nokubikwa ukuthi wayebuya emhlanganweni weqembu esifundeni uThukela.

Amalungu ezinhlangano zombusazwe ezimbili esezidalulwe ngenhla, abecula ehaya izingoma ngaphandle enkantolo ngenkathi elinde isinqumo senkantolo mayelana nokuvela kukaKhumalo. Nalapho amalungu kaKhongolose abephume ngobuningi bawo ukuzokweseka uKhumalo kanjalo naweNkatha aphuma ngobuningi bawo efuna ukuba lona kaKhumalo anganikwa ibheyili.

Nalapho umsolwa ebonakale khona eyoma ebhokisini ephelezelwa amaphoyisa abehlome ezingovolo.
Inkosi yenkantolo uSam Mpungose, ibe isihlehlisela lelicala mhla zinga-23 kuMasingana lapho okaKhumalo ezofaka khona isicelo sebheyili.

Kanti umsolwa usazogqunywa esitokisini aze aphinde avele enkantolo ngosuku oseludalulwe ngenhla.
Uphinde wavela enkantolo yaseZakheni ngoLwesithathu ebhekene nelinye. Nalapho enqatshelwe khona ibheyili.

Click to receive news links via WhatsApp. Or  for the latest news, visit our webpage or follow us on Facebook and Twitter. Join us there!

Related Articles

Back to top button