communityLocal newsNews

Ubhekene nenkinga ohlezi endaweni kamufi

Umnz Mthonjeni wase Sibongile elokishini lase Lindelani ucela ukufuniswa umndeni waThoko Zwane ongasekho emhlabeni.

UMnz Cameron Mziwoxolo Mthonjeni (73) wase Sibongile elokishini lase Lindelani, ubhekene nenkinga mayelana nestendi sendlu asithenga ku Thoko Christian Zwane ongasekho emhlabeni. Ngokusho kuka Mnuz Mthonjeni uchaze wathi “ngonyaka ka 2006 ngaba nesivumelwano noThoko sokukhokhela isikweletu sakhe samanzi kanye nogesi kwamasipala esingango R14 500, savumelana ukuthi ngaleyo ndlela ngiyobe sengithatha stendi kube esami. Nangempela bengikhokha njalo nginabo futhi ubufakazi bokukhokha, kuthe eseshona uThoko yaqala inkinga”.

UMnuz Mthonjeni uthe waya kwamasipala Endumeni wastelwa ukuthi angeke athole incwadi yetayitela ngoba kunabamtu ababhaliwe ngaphansi kwetayitela lika Thoko. Kunamagama abantu abane ababhaliwe ngokusho kuka Mnz Mthonjeni labantu abaziwa ngisho endweni njengoba uThoko wayezihlalela yedwa waze wadlula emhlabeni.

Umnz Mthonjeni uhlala khona endaweni ya Thoko kodwa wakhe eceleni, uchaze wathi “ngaxhuma igumbi khona ejalidini kodwa ngiyafisa ukwakha umuzi inkinga angikwazi ngenxa yokuthi akusiyo indawo yami”.
Abantu abazi umndeni waThoko Christian Zwane ongasekho emhlabeni wase Lindelani eSibongile ku number 1804 bayacelakala ukuthi baxhumane no Mnz Mthonjeni ku 072 398 5751 kuyaphuthuma.

Related Articles

Check Also
Close
Back to top button