Local newsNews

Isifingqo sesabelomali esihleliwe sika 2018/19

IMeya yesifunda sakaMasipala saseMzinyathi uCllr Ngubane ukhumbuze umphakathi ukuthi wayethembise ukukhuculula inkohlakalo ebikhona kuMasipala wase Mzinyathi futhi ukwenzile lokho.

Isifunda saseMzinyathi sikaMasipala sibe nomhlangano we IPD (ibhajethi yesifunda) ngoLwesihlanu olwedlule eOval sportfield. Lomhlangano ubuhanjelwe izikhulu,amakhosi,amakhansela kanye nomphathi wenhlangano ye IFP uDr Mangosuthu Buthelezi. Inhloso yolomhlangano bekuzokhulunywa ngezimali zakaMasipala zonyaka ka 2018/2019. Wona uhambe kahle kodwa uqale emvakamahora amabili emunva kwesikhathi ebesihleliwe, lokhu kubacasulile abahambeli balomhlangano ngoba kukhombisa ukungahloniphani. Imenenja yakwaMasipala wase Mzinyathi uMnz Ndabandaba ukhulume ngenhloso yomhlangano wathi “sizokhuluma lana ngempakathi ehlwempu, ukuthi ezinhlelweni zezimali siziphatheleni njengoMasipala kodwa kumele sambisane nomthethosisekelo wohlelo leIDP”.
Uqhube wathi lokhu enifuna kwenziwe kumele sikuthathe sikufake kulelibhuke lebhajethi, sibone ukuthi uhulumeni omkhulu usibekelani. Uphinde waqamisa ukuthi kunephrojekthi yomama abathungayo abaxhaswe umasipala nokuthi iMeya yase Ndumeni ilungisa imigwaqo kanye nogezi.

Also read:

UMeya wase Ndumeni uCllr Mbatha usukume nelithi “kusemthethweni ukuthi ibhajethi siyethule njalo ngonyaka ngama phrojekthi amakhulu esiwenzile nesisazowenza njengoMkhandlu wesiFunda”.

Uqhube wakhuluma ngezinqalazinda ebezidinga imali enkulu abaziqedile ngonyaka ophelile, “sikwazile ukuqedela amaphrojekthi abengaphelile sifika ,safaka ugesi ezindlini eziwu 149, saphinde safaka ugesi ezindlini eziwu 250 kumgwaqo uBuffalo”.
Saphinda saqedela ihholo lomphakathi eWard 1, salungisa saphinde sathuthukisa imigwaqo yaseWard 3 kanye noWard1 ngemali engango 2 million uqhuba. UMeya Mbatha udalule kabanzi ngamaphrojekthi abasamatasa ngawo njenge ndawo yokudla eWard1,isikhungo semidiya eWard3 wathembisa nokuthi uJune 30 uyoshaya isiphelile . Uphinde waqamisa ngezindlu ezisazokwakhiwa eziwu 217 eWard 6 waqinisekisa ukuthi ngoJune 6 inkontileka izobe isiqala ngokwakha kwezindlu. UMeya uphinde wastela umalunga omphakathi abekhona ukuthi inxanxatheka yezitholo phecelelezi (shopping mall) isezinhlelweni zoMkhandlu waseNdumeni.

Dr Mangosuthu Buthelezi attended the IPD budget meeting at the Oval sportsfield last week Friday.

IMeya yesifunda sakaMasipala saseMzinyathi uCllr Ngubane ukhumbuze umphakathi ukuthi wayethembise ukukhuculula inkohlakalo ebikhona kuMasipala wase Mzinyathi futhi ukwenzile lokho.
Ukhulume wathi “sesiqedile ngophenyo lobuchwepheshe (forensic investigation)ngaphakathi, saphinde sabheka izikhala zezikhundla ukuthi zigcwaliswe ngaphakathi sakwenza nalokho, sekusele ezimbalwa,intuthuko iyaya kubantu, siyababonelela futhi siyabahlonipha. Uqhube wathi ukuqoqwa kwendle nezikhungo zamanzi siphezukwakho. UMeya Ngubane uxolisile ngokufika emnvakwesikhathi . Uphinde wakhuluma ngokwentula yemisebenzi wacacisa nokuthi kunenkampani efuna umhlaba ukuzokwakha ikampani yezicathulo.

Also read: Kuzothathwa izinyathelo ezinzima nge ‘Zinyokanyoka’ | Northern …https://northernnatalcourier.co.za/48671/kuzothathwa-izinyathelo-ezinzima-nge-zinyokanyoka/
UMeya Ngubane ululeke abantu ngokuthi abahlangane benze izinkampani phecelelezi ama-corporatives ukuze benze imisebenzi bathole noxhaso kuhulumeni. Uphinde waqamisa ngezimali ezibekelwe abantwana kanye nabesifazane kwamaphrojekthi okuthuthukisa umphakathi engango R1 500 000, uhlelo leHIV/AIDS nayo inesamba sayo.

Above are the special guests that attended the meeting amongst them is Mayor Mbatha, Mayor Ngubane, Deputy Mayor Cllr Mdlalose and Dr Mangosuthu Buthelezi.

Kube nemibuzo kanye nesigaba sokuphendula, abantu bakhalile kakhulu ngezindlu ekade bathenjiswa zona,abanye babuza ngamaphrojekthi okuthuthukisa intsha, omunye ubuze ngezinhlelo zama solar systems. UMeya Mbatha kanye noMeya Ngubane baphendulile.
Umhlangano uvalwe ngesikhulumi sabo esiqavile uDr Mangosuthu Buthelezi ongakhulumanga okutheni ngebhajethi kodwa ukhulume ngomulando wakhe nokuthi usukaphi neqembi le IFP.Waphinde waqamisa ukuziqenya ngoMeya Ngubane wathi “ngiyaziqenya ngoMbomvu ngoba ngiyazi ukuthi akazwani nenkohlakalo, he has been tried and tested futhi uqotho”. UDr Buthelezi uphinde wacela ukuthi umphakathi ubeke uSomlomo uCllr Mbatha Makhathini emthandazweni ngoba akaphilile.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.

Related Articles

Back to top button