Owesifazane ushiswe wantshingwa edamini eNquthu

isidumbu ukuqinisekisile ukuthi satholakala edamini, waqhuba ngokuthi "sasishiswe kakhulu isingezansi ngasola ukuthi kwasetshenziswa ithayi kanye nophethiloli" kuchaza umhloli.

Kutholakale isidumbu sowesifazane oneminyaka engu-20 sishisiwe saphonswa edamini oliseduze nomfula iBatshe eNquthu mapahakathi nesigodi sakwaLuvisi naseZicole.
Ugogo uFikile Sibisi (54) uthe umzukukulu wakhe waduka mhla zingu February 8 ngoLwesine wase emubika emaphoyiseni ngoLwesithathu evikini elalindale, okuyilapho wathola umbiko wokuthi kusnesidumbu esigcinwe emakhazeni kahulumeni eDundee.
Uqhube wathi bekungelula ukuthi abonakale kodwa ukwazile ukumubona uma ebheka umlomo kanye nesiphongo kuvele kwamucacela ukuthi nguye umzukulu.
Umholi womphakathi osebenzisana nenduna uthe isidumbu ukuqinisekisile ukuthi satholakala edamini, waqhuba ngokuthi “sasishiswe kakhulu isingezansi ngasola ukuthi kwasetshenziswa ithayi kanye nophethiloli” kuchaza umhloli.
uButhelezi uxwayise umphakathi ngokuthi kufanele uqinisekise ukuthi ukulahleka kwamalungu omndeni bakubika kusanda kwenzeka futhi kungeqi izinsuku ezingaphezu kwezimbili.
Intambazane eshonile ngu Londiwe Zikalala oneminyaka engu-20 ubudala, amalungu omphakathi akholelwa ukuthi walahlelwa khona edamini emva kokubulawa kwakhe, kanti isidumbu sakhe satholwa abafana ababelusile emasimini aseduze nedamu.

Exit mobile version