Editor's choiceNewsSchools

Odokotela nomkhankaso wenhlanzeko

Samukelisiwe Buthelezi facilitated an oral education day for Nquthu primary schools where a team, including Dr IK Mzimela, the dentist at Nquthu Medical Centre, donated toothpaste and tooth brushes to pupils from various Primary Schools.

Ithimba lo Dokotela bamazinyo ebelihambisana no Innocent Mzimela liphume ngezinkani lapho lihambela khona ezikoleni zojahidada emkhankasweni wabo wokubafundisa ngokubaluleka kokuhlanzeka ikakhulukazi emlonyeni.
Kuningi abakufundisiwe akade bengakwazi mayelana nokuzinakekela. Phakathi kwakho sibala izindlela ezisemqoka zokuxubha amazinyo, ukudla okubalulekile ukugcina amazinyo abo ehlanzekile njengokudla izithelo ezifana nama aphula. Kulomkhankaso ojahidada banikezwe nezipho zamahhala zokuhlanza imilomo yabo okuyisixubho kanye ne-Colgate. Kuhlomule abafundi bakulezi zikole ezahlukehlukene i-Cassiono Primary School, Luvisi Primary, Qedukoma, Sibanini, Life Changing Christian School kanye nezinye izikole ezizinze eNquthu.
USolwazi obefundisa abantwana uSamukelisiwe Buthelezi uthe njengoba kuza amaholidi kakhisimuzi ojahidada bathola isikhathi esanele sokudla izibiliboco ngakho kufanele bazi ubungizi bezibiliboco ezimpilweni zabo. Ubonise abafundi ukuthi isixubho sisetshenziswa kanjani, wabatshela ukuthi kufanele baxubhe kabili ngosuku ukuze balwisane namagciwane akhele ezinsinini naphakathi namazinyo abo njalo ngosuku. Ojahidada bathuke kakhulu uma betshelwa ukuthi amaswidi awawalungele amazinyo abo njengoba kufanele badle okungenani uswidi omuthathu ngosuku. Uxwayise labafundi ukithi mabahlukane nokuhla behlafuna uswidi ihora ne hora emlonyeni wabo.
Udokotela u-IK Mzimela uthe lokhuluuhlelo lokubuyisela emphakathini njengoba engudokotela wamazinyo.Uqhube wathi kubalulekile ukuba naye abe nesandla ekwakheni isizwe.
‘Lokhu akukona okokuqala njengoba phela i-Nquthu Medical Centre kuyinhlanganisela yodokotela abahlanu uMzimela wamazinyo, uDlamini wamathambo, uMtolo wamehlo, uNgcobo wabagulayo kanye noHleleni wemithi, njalo ngonyaka bahambela izikole lapho besuke beyogqugquzela abafundi ngokusebenza ngokuzikhandla isikhathi sisekhona ukuze ngelinye ilanga bakwazi ukufeza amaphupho abo. Uhlelo lwalonyaka luphele ngenyanga ka August kanti olusha luzoqala ngonyaka ozayo, kuloluhlelo ithimba lisuke ligqugquzela ikakhulukazi abafundi bakamatikiletsheni.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!
You can read the full story on our App. Download it here.

Terry Worley

Editor: NKZN Courier, Newcastle Advertiser and Vryheid Herald.

Related Articles

Back to top button