Editor's choiceNewsSchools

Abafundi nomkhankaso wokubaluleka empilweni

The Luvisi Pack Company and Soul Buddyz are changing the lives of needy children by collecting clothes which are given to those in need – including school uniforms. The Buddyz are also actively involved in cleaning up the environment.

“Masibahlonipheni ojahidada ngokuba bangasifundisa izinto ezibalulekile empilweni.” Lamazwi akhulinuywe ngu Nksz CM Moloi, elandisa iNtatheli yephephandaba ngezinhlelo zethimba labafundi bakwa Luvisi Primary School zokusiza umphakathi, eliyinhlanganisela yamathimba amabili okungama Soul Budyzz kanye nama-
Girl Guides. Imisebemzi yalamathimba omabili ezikoleni ngukwenza izinto ezigqugquzela ukwenza okuhle emphakathini.
Ojahidada base Luvisi Primary School kuphenduke umlando endaweni ngokuba kube ukushintsha izimpilo zozakwabo abahlwempu ezikolweni kanye nokufundisa umphakathi wendawo okuningi.
Imisebemzi yabo ihlomulise abantu bomphakathi ngemfundiso yokuzigcina bephililile futhi bephephile, kusukela ekudleni okufanele bakudle kanye nendlela yokuziphatha njengokubaluleka kokuzivocavoca ukugcina umzimba uphilile.
Labafundi baphinde bahambela ezinye izikole bagqugquzela abanye abafundi ukuba bakwazi ukupha labo abaswele.
Ekugcineni komkhankaso ngoLwesithathu olwedlule, lokhu kufundise nabanye abafundi ukuba kubalulekile ukucabangela nokuthanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda.
U Nksz Moloi owengamele ukuqondisa ezinhlelweni zalabafundi uqhube wathi, “lezinhlelo zifundisa abafundi bonkana ukuba babe izakhamuzi ezinosizo emiphakathi abaphila kuyona.
Futhi bazi okuhle nokubi okufanele kwenzeke noma kungenzeki. Abazali nabo kufanele bafunde ukuzeseka izingane kukho konke ezikwenzayo ukusiza emphakathini.”

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Terry Worley

Terry Worley has been associated with the Courier for many years and is involved in the community covering a variety of issues affecting residents. He has a passion for local politics and for the history of the area.

Related Articles

Back to top button