Editor's choiceLocal newsNews

Basale ‘ludengwane’ kuhlasela isiqhotho esinamandla eNquthu

Kusiphuke phansi izihlahla kwadaleka umonakalo omkhulu ezindlini zomakhelwane kanye nasocingweni lokubiyela. Akusona esokuqala isiphepho esifana nalesi eNquthu minyaka yonke, abaziqekethayo bakhomba imayini yaseThelezini okukholakala ukuthi iyona edala ulaka enyokeni enkulu (okuyinkanyamba yeNtaba)

Isiphepho esihlasele eNquthu ngoLwesine olwedlule sishiye imindeni esele ngabakugqokile emva kokuba uphahla lwezindlu luthathwe ngumoya onamandla ebusuku. Namanje umphakathi usashaqekile ngesigameko esenzekile. Amakhansela amawadi namanje asephansi phezulu ukuhlanganisa usizo oluphuthumayo emphakathi njengoba izigodi eziningi zase Nquthu zithintekile. Abakwa-Disaster Management eNquthu babengalele kanti futhi kuthiwa abakwazanga ukuhambela zonke izigodi. Ezinye izigodi ezithintekile kube yise-Mafihleng, Luvisi, Zinkondlwaneni, Ngonini, Masotsheni, Zicole. Imiqasho yaseZinkondlwaneni naKwa-Luvisi ibikade imapetupetu uphahla lonke luhambile.Abantu bavuswe ngomsindo wezando nezipikili kunqonqothelwa, kwezinye izingxenye zedolobha kanye naKwa Luvisi.
Kusiphuke phansi izihlahla kwadaleka umonakalo omkhulu ezindlini zomakhelwane kanye nasocingweni lokubiyela. Akusona esokuqala isiphepho esifana nalesi eNquthu minyaka yonke, abaziqekethayo bakhomba imayini yaseThelezini okukholakala ukuthi iyona edala ulaka enyokeni enkulu (okuyinkanyamba yeNtaba). Kuthiwa lenyoka iyona edala isiphepho ngoba ayifuni ukuthi intaba igujwe noma kube khona okuqhubekayo ngokugujwa kwentaba. Izigxobo zika Gesi nezintambo bekuwubusaphasapha ezitaladini zakwa Luvisi izintambo zigqashukile ngenxa yokuwa kwezihlahla. Abakwa-Eskom nabo kade bephansiphezulu ukubuyisela isimo. Baphinde baveza ukuthi umonakalo ubemukhulu kakhulu washiya imizi eminingi ingakhanyi kodwa bazama ngawo wonke amandla ukugcina umphakathi uphephile phansi kwalesi simo.
USipho Makhanye wase Zinkondlwaneni ubikele abezindaba ukuthi uphahla lwegalaji lakubo ululande kwamakhelwane kanti futhi namanje ejalidini lakhe kukhona uphahla oluphephukele phakathi akalazi ukuthi olwakwabani.
UMnuz Muzikayise Thusini (63) wakwa-Luvisi yena uthi udinga usizo lokuba akhelwe uphahla lwekhishini nekamelo lakhe ngoba akasenandawo. Usephoqeleke ukuba afihle ikhanda komakhelwane bakhe ngenxa yomonakalo oshiye umuzi wakhe usuzindonga zodwa. Ukhale ngokuthi uhulumeni wadlala ngaye wafakela abantu izindlu zomxhaso komakhelwane yena wasala ngaphandle nomgodi wefawundeshi. Uthi ukube wayithola lendlu yomxhaso ngabe uphephile.

11ntustorm1 (Medium)

UMuz Sangweni kwa-Luvisi uthe yena ngobusuku bangolweSine baswele indawo yokulala bagcina ngokucuphisana bonke erawundini ngoba uphahla luphephuke kwagcwala amanzi indlu yonke. “Akukho noyedwa oke wasivakashela, lokhu kusho ukuthi savotela amahhala.”
USthembiso Ndebele kwa Luvisi kusiphuke isihlahla sakubo sawela phezu kwezintambo zikagesi salala phezu kophahla lwakwamakhelwane wabaxwayisa ukuba bayolala kwenye indlu khona ebusuku. Uthe badinga ukuba uhulumeni abasize ngokunqamula izihlahla ngoba sezizinde kakhulu futhi ziyingozi emphakathini.
UMnuz Khuzwayo naye uphahla lwendlu yakhe luphephukele phuzu kwezintambo zikagesi naye ukhale ngokuthi akekho obahambele ukuzobona umonakalo owenzekile.
IKhansela lendawo kwa-Ward 14 uNtokozo Buthelezi udlulise ukuxolisa okukhulu emphakathini wathi kube khona umonakalo omningi nabo abalalanga kodwa bazofika nakwezinye izindawo ukuzama ukulekelela umphakathi. “Ziningi kakhulu izindawo ezimoshakalelwe, sicela umphakathi nawo usize ngokusazisa.”

Related Articles

Back to top button