Family in desperate need of financial assistance to bury loved one

The Mchunu family in Nquthu is in desperate need of financial aid to bury a loved one who recently passed away at CJM Hospital, her body is being kept at the hospital. Due to unemployment the family does not have insurance. The Nquthu municipality along with the local councillor have tried and failed to assist. The family has asked for at least a R1500 buy a coffin. If you can assist please call Mrs Gasa on 082 591 0606.

Akwaziwa ukuthi kuthathwa ini ihlanganiswe ngani ukuze kuncwatshwe owesifazane oneminyaka engu 23 oshonele esibhedlela sase CJM Hospital eNquthu.

Owesifazane oshone ekuqaleni kweviki isidumbu sakhe sisagcinwe esibhedlela emakhazeni kaHulumeni ngenxa yelezinqinamba ezibhekene nomndeni wakhe, kanti ngokusho kuka  Gasa uthe bekulindeleke ukuthi athunwe kusasa kodwa ngenxa yalesi simo akwaziwa ukuthi uzogcina ebekwe nini endlini yakhe yokugcina.

Umama Gasa ongu Ward Committee ku Ward 10 eNquthu ngaphansi kuka Khansela uNene usebike ukuthi bamelwe amakhanda nomndeni wakwaMchunu oshonelwe kodwa ongazi ukuthi uzoncwatshwa kanjani ngokuba kulomndeni akekho osebenzayo kanti futhi njengamanje ayikho imali yokuthenga iBhokisi lomncwabo kanye namathizethize okudlilisa lo msebenzi.

Umama Gasa uthi uhlaba ikhwela emphakathini ukuthi uma kukhona ongakawazi ukulekelela nganoma yini engasiza ukuthi kudluliswe umsebenzi.

Ngokuba sebezame bahluleka bona emva kokuxhumana nomasipala wase Nquthu othe awsekho amabhokisi noma indlela yokubasiza, kanti futhi uthi nekhansela lendawo kade sebe thembele kulo, Khansela Kunene, ugcine ehlulekile ukubasiza emva kokuba ezame imizamo yokulikoloda kwenye yezinkampani ethe asephelile amabhokisi omncwabo.

Uqhube wathi ngenxa yokuswelakala kwamathuba emisebenzi lo owesifazane kanye nomndeni wakhe bathole ukuthi kade bengajoyinanga umshwalense noma umasincwabusane ngenxa yokuswela imali yanyanga zonke.

Uthe umama Gasa bayacela njenge-Ward Committee uma kukhona ongabalekelela ukuba bathenge okungenani ibhokisi lika-R1500 angashayela kulenombolo elandelayo ngokuba ubaba wakwakhe usezame nokudayisa inkomo ukuze kutholakale imali kodwa ayidayiseki.

Inombolo yakhe ithi 082 591 0606 noma ningashayela izintatheli ku-079 802 4670.

Exit mobile version